• Refine Query
  • Source
  • Publication year
  • to
  • Language
  • 1
  • Tagged with
  • 1
  • 1
  • About
  • The Global ETD Search service is a free service for researchers to find electronic theses and dissertations. This service is provided by the Networked Digital Library of Theses and Dissertations.
    Our metadata is collected from universities around the world. If you manage a university/consortium/country archive and want to be added, details can be found on the NDLTD website.
1

Ucwaningo lwamagalelo ka-M. M. Masondo ekubhalweni kwenoveli yophenyo esizulwini

Ntuli, Sibusiso Louis January 2006 (has links)
A thesis submitted in partial fulfillment of the requirements for the degree of MASTER OF ARTS, in the faculty of Arts in the department of ISIZULU NAMAGUGU at the University of Zululand, 2006. / Lolu cwaningo lucubungula amagalelo ka M.M. Masondo ekubhaIweni kwenoveJi yophenyo eSiZulwini. Lolu ewaningo lubanzi, kodwa phakathi kokunye luthinta izinsizakuhlaziya (theories) zenoveli, imigomo yenoveli yophenyo kanye neqhaza labaiingiswa ophenyweni. Kukhethwe le mibhalo ka M.M. Masondo ngoba kubonakala kunguye osebhale amanoveli ophenyo amaningi lapha olimini lweSiZulu. Lo msebenzi wehlukaniswe waba yizahluko ezinhlanu, kanje: ISAHLUKO SOKUQALA Lesi sahluko sethula lokho okuzoeutshungulwa kulolu ewaningo, ubumqoka kanye nemiklamo yalo. Kugxilwe kabanzi nasemlandweni ngempilo ka M.M. Masondo. Kugxilwe ekuvezeni umehluko phakathi kwenoveli ejwayelakile kanye nenoveli yophenyo. Kuthintwe nezincazelo zamagama abukeka esemqoka kulolu cwaningo. ISAHLUKO SESIBILI Kulesi sahluko kugxilwe kabanzi ekueubunguleni izinsizakuhlaziya zenoveli. Kunokondiswe lezo okubonakale ukuthi zizoyikhanyisa kangeono inoveli yophenyo. Lezo zinsizakuhlaziya kube isenzekongqo (realism) kanye nenjulalisu (stylistics). Kugxilwe nasekucubunguleni ezinye izinhlobo zamanoveli ophenyo. Lokhu kuveze ukuthi kukhona uhlobo oIungathathwa ngokuthi luyinoveli yophenyo yakudala, kube khona nohlobo oIuyinoveli yophenyo engaphelele kanye nenoveli yophenyo yesimanje. Yilolu hlobo lokugema-ke okungena kulo amanoveli kaMasondo. ISAHLUKO SESITHATHU Lesi sahluko sona sivula ngokwethula iqoqa lamanoveli kaMasondo okugxilwe kuwo kulolu cwaningo. Iqoqa lenzelwe ukukhanyisela labo abayofunda lolu cwaningo bengakaze balithole ithuba lokuwafunda onke la manoveli kaMasondo okugxilwe kuwo kulo msebenzi. Kubuye kwagxilwa nasemigonyeni yenoveli yophenyo. Kugxilwe kule migomo elandelayo: I. Icala lobugengu elibukeka IisobaIa 2. Umsolwa onukeka ebe engenacala. 3. Ukunhlanhlatha kwamaphoyisa. 4. Ukukhalipha nokuqaphela komphenyi. 5. lbohlololo elethusayo. ISAHLUKO SESINE Lesi sahluko sona sigxile eqhazeni elibanjwe abalingiswa ophenyweni lwamanoveli ka Masondo. Kucutshungulwa labo balingiswa abasemqoka kubhekwe ukukholeka nokungakholeki kwabo, nanomthelela lokhu okungase kube nawo emanovelini ngokwehlukana kwawo. Kucutshungulwe nokhondolo oluqaphelekayo emanovelini ka Masondo, Iapho okuvela ukuphindaphindwa kwamagama abalingiswa athile emanovelini ahlukene. kucutshungulwe noukuthi lokhu kunamthelela muni kule misebenzi ka Masondo. ISAHLUKO SESIHLANU Le ngxenye igxile ekusongeni ucwaningo. Kubuye kwethulwa neziphakamiso zalolu cwaningo. Kule ngxenye kuphinde kuvezwe nokuthi uMasondo useyibekile induku ebandla mayelana nokubhalwa kwenoveli yophenyo esiZulwinL kangangokuthi imisebenzi yakhe isiyohlala iyisilinganiso salolu hlobo lwemibhalo.

Page generated in 0.0705 seconds