Lwethulwa ukufeza izidingo zeziqu zobudokotela kwinzululwazi (Doctor of Philosophy) emnyangweni wezilimi zomdabu namasiko enyuvesi yaKwaZulu, 2019 / Iqoqa lalo msebenzi wocwaningo lokusetshenziswa kolimi lwesiZulu ukuze kuqhakanjiswe
amakhono aqukethe ubumtoti, ukuhlwabusa nokuyihlaba esikhonkosini ngolimi lwesiZulu
luhlelwe lwaba izahluko eziyisishiyagalombili.
Isahluko sokuqala isethulo socwaningo esethula ucwaningo ngokupheleleyo. Lapha
kubukwa intshisekelo yocwaningo, izinhloso zocwaningo, amakhono, izindlela zokuqhuba
ucwaningo, umklamo wocwaningo, imibono yongoti, abazohlomula, uhlaka lwezahluko
nesiphetho.
Isahluko sesibili sethula ikhono lokulalela nokuzwa. Lesi sahluko sethula umehluko
phakathi kokulalela nokulalelisisa ngenhloso yokuzwa uqonde. Sethula izindlela zokulalela,
izindlela zokufundisa ukulalela kanye nenzwa yokulalela.
Isahluko sesithathu sethula injulakuhlaziya ulwazi ngamakhono okusetshenziswa kolimi.
Kulesi sahluko kubhekwe okushiwo ongoti abehlukene behlaziya imiphumela eyehlukene
ngokubuka injula yolwazi nxazonke.
Isahluko sesine sethula izindlela noma amasu okuqhuba ucwaningo. Kula masu
kusetshenziswe uhla-mbuzo isizindalwazi (inthanethi), ukuhanjelwa kwezithangami,
amaphephandaba, ukubuxoxa nezinjulabuchopho nezazi emikhakheni ethile. Kube
sekuvezwa ngokolandela imibono yongoti okuncomekayo ngezindlela ezisetshenziswayo
uma kuqoqwa ulwazi kanye nokufekela kwazo.
Isahluko sesihlanu sethula ukuhlelwa nokwethulwa kolwazi oluqoqiwe. Njengoba ulwazi
luqoqwe ezingxenyeni ezehlukene lube seluhlelwa kanjalo. Kunolwazi oluqoqwe kothisha,
bamabanga aphansi naphezulu, olunye luqoqwe kubafundi nabo ngokwehlukana
kwamazinga. Olunye luqoqwe ezikhulwini zeminyango kaHulumeni emihlanganweni, olunye
beluqoqwa ezingxoxweni nezazi ezehlukene, ulwazi lwamaphephandaba, izincwadi imibhalo
yongoti, ingosi yesizindalwazi (inthanethi) nakumabonisakude imbala.
Isahluko sesithupha sethula ikhono lokubhala, elokufunda nelokuphendula. La makhono
ehlukene kepha asebenza ngokubambisana kanti kuvamile ukuba asebenze ngesikhathi
vii
esisodwa kanyekanye. Lesi sahluko sethule izindlela ezinconywe ongoti zokufundiswa
kwekhono lokufunda, elokubhala nelobuciko bokuphendula imibuzo. Lesi sahluko sibuye
sethula ikhono lokukhuluma nokwethula. Ukwethula nokukhuluma kuzwakala kufana ngoba
ngisho kwethulwa inkulumo kusuke kukhulunywa. Lezi zimo zidinga amanye amakhono
ukuze okukhulunywayo nokwethulwayo kudlule ngobuciko kuya kwabalalele nabethamele.
Ongoti baphawulile ngala makhono beveza umehluko kanye namasu okucija ikhono
lokukhuluma nokwethula. Babuye baphawula ngezimo ezinqinda ukusetshenziswa kwala
makhono ngenzuzo.
Isahluko sesikhombisa sethula ukuhlaziywa kolwazi lwamakhono olimi oluqoqiwe. Ikhono
lokulalela nokuzwa, ikhono lokubhala, elokufunda, elokuphendula imibuzo, elokukhuluma
nokwethula, ukuphumelela kwabafundi, ukuqeqesheka kothisha kanye nokulumbana kolimi
nezombusazwe.
Isahluko sesishiyagalombili sethula ukuhlaziywa kwamakhono, izincomo zocwaningo
ngakho kubalwa ikhono lokulalela, ukufunda nokwazi ukuphendula imibuzo ngokunembayo
nokusetshenziswa kwekhono lokubhala ngokubhala ubhalomagama olwamukelekile kanye
nesiphetho.
Identifer | oai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/1854 |
Date | January 2019 |
Creators | Bengu, Rodney Muzikayise Martin |
Contributors | Khumalo, L.Z.M., Nzuza, N.M.A.R. |
Publisher | University of Zululand |
Source Sets | South African National ETD Portal |
Language | other |
Detected Language | Unknown |
Type | Thesis |
Format | application/pdf |
Page generated in 0.0023 seconds