Return to search

Injula yesithembu ikakhulukazi esizweni samaZulu

Submitted to the Faculty of Arts in fulfillment of the requirements of the Master of Arts in the Department of African Languages at the University of Zululand, South Africa, 2000. / Lolu ewaningo Iwenzelwe ukuqhakambisa iZinga lenhlonipho elitholakala
esithenjini. Kuzovela ukuthi amadoda, abafazi, izinsizwa, izintombi
ezisesithenjini zithi zihlonipha zibe zizihlonipha. Yilowo nalowo akafuni ukuphoxa umuzi wakwabo. Izintombi zomuzi, azifuni ukushiya imilanjwana
ngoba ziyazi ukuthi yephuca onina inkomo yohlanga. Lokho kumenza Iowa
onentombazane ezalele ekhaya, ezizwe ejezisekile emehlweni kaSokhaya kanye
nawesigodi sonke jikelele. Yingakho amantombazane esigodi aye athi athukiwe
nxa kukhona insizwa ekhulelise intombazane yesigodi, bese efuna ukugezwa
ngembuzi ezobulawa engayidli nokuyidla, ngoba eyithatha njengento edala
amashwa namashangusha. Kwamuzi onale ntombazane uze ugcine ugezwe
ngenkomo okuthiwa ngeyombhubuzo. Ngamantombazane ehlelwe yilo mshophi
agcina eganiselwe amakhehla, ayokwandisa izithembu zamakhehla, ezingatholi
ngisho isikhundla sokuba indlu yokugugela ngenxa yokuthi eze ngesijeziso. Lesi sihloko sikhethwe nangenxa yokujula kwaso ekuvezeni amagama ezindlu
emzini onesithembu. Kulolu khalo siqonde indlunkulu, ikhohlo, iqadi,
isokanqangi kanye namabibi. La magama nje ewodwa ayalwandisa ulimi
IwesiZulu. Inhlonipho kankosikazi wasendlunkulu ithe thuthu ngezinga
kuneyasekhohlo. Inkosikazi yaseqadini ingena endlunkulu. Kuzocaciswa inzululwazi nezinjulamqondo eziqukethwe yisithembu. Lolu Iwazi
luzokwelekelela luthandaniswe nezinsalela zesithembu ezisekhona ukuze
kujeqezwe emuva kubuye kugqolozelwe phambili. Lokhu kuzogcina kuveze
isithombe sokuthi izolo, inamuhla nekusasa kungenziwa kufane uma ulwazi
4
olugoliwe lufakwe emiqingweni yamabhuku. Bese kuthi zonke izizukulwane
eziyolandela. ziluthole lolu Iwazi lukhweziwe Iwalondolozeka kahle. Kumele
ukuba abacwaningi balwenze lube ugume kumbe ukhothe Iona olungaboli
izizukulwane ngezizukulwane. Lokho kuyokwenza ukuba umuntu athele
esandleni afumbele emlonyeni, ashaye esentwala qede ashaye amanhlakomuzi.
Ngalokho sihlose ukuveza iqiniso lokuthi lolu cwaningo akulona olokugcina
kepha wumzamo wokuthundlaza indlela eyohamba abafowethu nodadewethu
abayolandela ukuze bavule 10 mendo ube umgwaqo.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/1119
Date January 2000
CreatorsMthembu, Vusumuzi Joseph
ContributorsKhumalo, Z.L.M.
PublisherUniversity of Zululand
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0016 seconds