A thesis submitted to the Faculty of Arts in fulfilment of the requirements for the Degree of Doctor of Philosophy in the Department of African Languages at the University of Zululand, 2001. / Lolu cwaningo kuhloswe ngalo ukweneka obala ukubaluleka komculo kaMasikandi kanye noweSicathamiya esikweni lesizwe samaZulu. Isahluko sokuqala-ke sichaza ngayo le njongo. Lapha kubuye kwenekwe nendlela ezosetshenziswa, okuwukuhlolwa kwamaBhuku athile aqukethe ulwazi olufanele. Kubuye kufakanwe imilomo nezinzululwazi ngomculo woMdabu. Kubanjwe izingxoxo nabaculi oPhuzekhemisi benoJoseph Shabalala, okuyibona abawumgogodla walo ucwaningo. Konke okwenziwayo kuhlahla indlela yocwaningo lonke.
Isahluko sesibili sibheka umlando nobunjalo bukaMasikandi. Lapha kubhekwa umlando kaPhuzekhemisi, amaqembu ayizingqalabutho namaqembu abesifazane. Kubuye kubhekwe nemvunulo koMasikandi, izimfijoli zomculo kaMasikandi kanye nezinhiobo zezindikimba ezidingidwa koMasikandi.
Isahluko sesithathu sibhekana nomlando weSicathamiya. Kubhekwa namaqembu azingqalabutho eSicathamiyeni. Kobuye kuhlelwe nomlando kaJoseph Shabaiala kanye naMambazo aMnyama.
Isahluko sesine sicubungula isakhiwo sobunkondlo eculweni likaMasikandi neteSicathamiya.
isahluko sesihianu sicubungula izinhlobo zamaculo kaMasikandi neSicathamiya. Lapha kubhekwa amacuio esililo, alandayo, amalirikhi njaio njalo.
Isahluko sesithupha siqukethe ukuqhathaniswa kwamaculo, elikaMasikandi kanye neleSicathamiya. Lapha kuthathwa iculo elilodwa ezinhlangothini zombili, lihluzwe ngokupheleie njengoba kwenzeka enkondtweni. Kubhekwa inhloso, umqondo, imizwa nokunye okuphathelene nokuhiuza.
Isahluko sesikhombisa sidingida ukufana kwengqikithi eculweni likaMasikandi neleSicathamiya. Lapha kuhlolwa izingqikithi ezifana nothando, inkolo, ukubulalana kwezombangazwe, uxolo, ukubuyisana, inhlonipho emakhosini kanye nenhlalo yesiNtu.
isahluko sesishiyagalombili nokungesokugcina, siyisihlaziyo nesiphetho. Kulesi sahluko kwethulwa izincomo bese kusongwa lonke ucwaningo.
Identifer | oai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/291 |
Date | January 2001 |
Creators | Biyela, Thembinkosi Israel |
Contributors | Khumalo, Z.L.M. |
Source Sets | South African National ETD Portal |
Language | Zulu |
Detected Language | Unknown |
Type | Thesis |
Format | application/pdf |
Page generated in 0.0023 seconds