Return to search

Ucwaningo ngegalelo likaWanda, M.E. ekubhalweni kwenoveli ethi: “Kunjalo-ke” kugxilwe kwisakhiwo, abalingiswa nengqikithi

Lwethulwa ukufeza izidingo zeziqu ze Master of Arts emnyangweni wezilimi zomdabu namasiko kwangqondonkulu waKwaZulu, 2018 / Lolu cwaningo luhlelwe lwaba yizahluko eziyisikhombisa ezimayelana namagalelo kaWanda
M.E. ekubhalweni kwenoveli ethi: Kunjalo-ke kugxilwe kwisakhiwo, abalingiswa
nengqikithi.
Isahluko sokuqala sethula ucwaningo jikelele ngokucwaningisisa izinjongo zocwaningo,
intshisekelo noma inkuthazo yocwaningo. Lesi sahluko sethula nezindlela ezisetshenzisiwe
ngesikhathi kuqhutshwa lolu cwaningo kanye nemidiyo yocwaningo jikelele, abazohlomula
kulolu cwaningo kanye nemibono yongoti. Kube sekwethulwa uhlaka lwezahluko
zocwaningo kanye nesiphetho sesahluko sokuqala.
Isahluko sesibili sethula izinsizakuhlaziya ezahlukene ezisetshenziswa uma kuhlaziywa
inoveli. Kugxilwe kulezi ezibonakala zihambisana nenoveli ecwaningwayo. Kugxilwe
kulezi: Ukulandisa, injulasakhiwo kanye nenjulasimo. Kubuye kwabhekwa ngeso elibanzi
injulalwazi yepostmodern nobudlelwane bayo ekuhlaziyweni inoveli. Lesi sahluko sibe
sesiveza amanqampunqampu omlando kaMjajisi Wanda ongumbhali wenoveli
ecwaningwayo kanye nesiphetho sesahluko.
Isahluko sesithathu sethula indaba kaWanda ngamafuphi kanye nesakhiwo sayo. Kuqalwe
ngendaba ngamafuphi, kwalandela isakhiwo sale noveli lapho kugxilwe kulezi zihloko
ezilandelayo: isihloko senoveli, isingeniso senoveli, umzimba wenoveli kanye nesiphetho
senoveli. Kubaluliwe ukuthi umlingiswa omkhulu enovelini kaWanda uDumazile ngoba
nguye obhekene nenkinga yokungabi nasimilo. Indaba ingaye kusukela indaba iqala ize
iyophela.
Isahluko sesine sethula abalingiswa abatholakala emsebenzini kaWanda. Kudingidwa
izinhlobo zabalingiswa, indlela abavezwe ngayo kanye neqhaza labo endabeni ekukhuliseni
udweshu phakathi kwabalingiswa. Kubalulekile ukuba abalingiswa benoveli bakholeke
ngoba inoveli kumele kube yindaba engenzeka ngempela hhayi inganekwane nje. Isizinda
ikakhulukazi indawo, inkathi nesimo senhlalo yabo sibe nomthelela omkhulu ebunjalweni
babo. Udweshu olukhona phakathi kwabalingiswa lukhuphula ilukuluku lokuyifunda le
ndaba.
v
Isahluko sesihlanu sihlaziya indikimba nomlayezo odingidwa yinoveli ecwaningwayo.
Kuvelile ukuthi ukungabi nomngani oyedwa oshiyelana naye ugwayi kubhebhethekisa
igciwane lengculazi. Ukuthandana kwabantu besilisa abadala namantombazane amancane
ngoba begabe ngemali kube yimbangela yokugula nokufa kwabalingiswa ababalulekile.
Ukulimala kwemindeni ngenxa yokungaziphathi kwabashadikazi, ukusala kwezintandane,
ukungasebenzisi amajazi omkhwenyana, ukubalekela ukuhlolela igciwane lengculazi
kubhekiwe kulesi sahluko. Kube sekuphethwa lesi sahluko.
Isahluko sesithupha sethula eminye imihlabahlose ekubhalweni kwenoveli kaWanda.
Kulesi sahluko kubhekwa isizinda, udweshu, ulwazi lwangaphambili, isu lokubikezela, isu
lokujeqeza kanye nobudlelwano phakathi komoya nephimbo elitholakala enovelini kaWanda.
Le mihlabahlose esetshenzisiwe njengesizinda iveza ukuthi okaWanda uyihlabe
esikhonkosini ngokudingida ngempilo ehlupha imiphakathi eminingi kulesi sikhathi.
Ukubhidlika kwesimilo kubantu yikhona okubulele imiphakathi eminingi. Indlela abantu
abangazicabangeli ngayo sebenza amahlazo asobala. Kube sekuphethwa lesi sahluko.
Isahluko sesikhombisa simayelana nokuhlaziya, izincomo, izimfundiso eziqukethwe
yinoveli kanye nokungenziwa ngokuzayo. Izimfundiso ezivela kule noveli zibaluliwe
njengokukhuliswa komntwana ekhaya, ukuthandana kothisha nabafundi, ukuthandana kobaba
abadala namantombazane amancane, ukuzalela ekhaya kwamantombazane, umkhuba
wokuyobhula kanye nobusoka kumele kubhekwe ngeso elibanzi njengoba kuvela
njengomthelela nokutheleleka nokufa kwabantu yisifo sengculazi. Kube isiphetho
socwaningo jikelele.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/1853
Date January 2018
CreatorsMhlongo, Gugu Zodwa, Khumalo, L.Z.M., Nzuza, N.M.A.R.
PublisherUniversity of Zululand
Source SetsSouth African National ETD Portal
Languageother
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0023 seconds