Return to search

Iqhaza elingabanjwa ubuciko namasiko ukukhuthasa ukuzwana nokubekezelelana ngokwamasiko nokuvuselela ubuntu phakahi kwezinhlanga ezahlukene KwaZulu-Natal.

Lolu lucwaningo olumayelana neqhaza elingabanjwa ubuciko namasiko ukukhuthaza
ukuzwana nokubekezelelana ngokwamasiko nokuvuselela ubuntu phakathi
kwezinhlanga ezahlukene KwaZulu-Natal. Kulolu cwaningo kucutshungulwa izindlela
ezingasetshenziswa ukwenza izizwe zamasiko ehlukahlukene zikwazi ukwazana
kangcono nokungaholela ekuhloniphaneni kanye nasekuhlalisaneni ngokuzwana.
Ngasekuqaleni kwalolu cwaningo, kuye kwahlahlelwa kabanzi amagama abumbe
isihloko salolu cwaningo ngenhloso yokuveza ukubaluleka kwalolu cwaningo. Kuye
kwavela izincazelo ezahlukene ezichaza isiko, kuvele umongo wesiko njengomthetho
wesizwe oyinkolelo yokwakha umphakathi, ukuzazisa nokwehluka kwesizwe kwezinye,
ubugugu, ukuziphatha kanye nendlela yokuphilisana ngokwabelana kwabantu
nokuhlanganisa impilo yabantu.
Kulolu cwaningo kubhekwe iqhaza elibanjwe ngumkhakha wezobuciko namasiko
ukuphumelelisa impokophelo yoMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal nokuyilapho
kuye kwavela khona ukugqugquzela nokulondoloza amagugu esizwe kanye
nokuthuthukisa imisebenzi yezobuciko namasiko njengeminye yemisebenzi esemqoka
yalolu phiko.
Kuye kwacutshungulwa eminye yemikhosi egujwa yisizwe samaZulu okubalwa phakathi
kweminye, uMkhosi woMhlanga; uMkhosi weLembe (inkosi uShaka) kanye noMkhosi
woKweshwama. Lapha kuye kwacutshungulwa umsuka kanye nomongo womkhosi
ngomkhosi ngenhloso yokuthola ukufana okuqukethwe nokungaholela ekwakheni
ukwazana kangcono ngenxa yomongo ofanayo oqukethwe yisiko lesizwe nesizwe.
Lokhu kwenzeke ngokubheka neminye yemikhosi egujwa yisizwe samaNdiya okubalwa
kuyo umgubho woBuciko Bomlomo; umgubho kaDiwali kanye naleyo egujwa
ngokuhlanganyela kwezinhlanga ezahlukene zaKwaZulu-Natal okubalwa kuyo
umgubho woKunambitha kanye noWesitimela.
Phakathi kolwazi oluqoqiwe Iwalolu cwaningo, kuye kwavela lokhu okulandelayo
njengalokho okungabamba iqhaza ukukhuthaza ukuzwana nokubekezelelana
ngokwamasiko nokuvuselela ubuntu: ukufundisa ngamasiko; ukusebenzisa ubuciko
namasiko ukuvuselela ubuntu; ukuthuthukisa izilimi zomdabu; ukuziqhayisa kwentsha
ngesiko; ukukhuthaza ubusikoningi kanye nobuliminingi. / Thesis (M.A.)-University of KwaZulu-Natal, 2008.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:ukzn/oai:http://researchspace.ukzn.ac.za:10413/10759
Date January 2008
CreatorsKhumalo, Msawenkosi Zamokwakhe.
ContributorsHlongwa, Nobuhle P.
Source SetsSouth African National ETD Portal
Languageen_ZA
Detected LanguageUnknown
TypeThesis

Page generated in 0.003 seconds