Return to search

Ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu

Submitted in partial fullfilment for the requirements of the degree of Master of Arts in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2001. / UMvelinqangi udabule ohlangeni izinhlanga zabantu ezahlukahlukene. Inhloso yikuba
zihlobise urnhlaba wakhe. Izinhlanga lezi zinikwe ilungelo lokuphila ngemvelo futhi zibuse
phezu kwayo. Lezi zinhlanga zikleziswe ngamasiko anhlobonhlobo okumele ziphile
ngawo. UZulu omnyama ondlela zimhlophe ungolunye lwalezi nhlanga. Ukuzingela
izinyamazane kusemithanjeni yegazi lesizwe sikaPhunga noMageba. Lokhu kudalwa
yikwambulelwa kwaso ubuqiniso bokuthi kumele siphile ngemvelo ngoba naso siyimvelo.
Ukubaluleka kokuzingela esizweni samaZulu kucaca bha kuhle kombala womvemve lapho
kugcinwa amasiko athize. Kuphuma inqina iyojikijela lapho kuhlanjululwa inhloko yesizwe
noma umnumzane. Emkhosini wakoMkhulu lapho inkosi izonyathela uselwa, ibutho
liphuma inqina. Inqina ingumdlalo ngoba amaphisi akhiphelana ubuchwepheshe bokuba
zinkombi ekuhlabeni izinyamazane.



Ucwaningo luhlose ukucacisa ubumqoka besiko lokuzingela kubantu abansundu. Luhlose
ukucacisa kabanzi ngezinhlobo zenqina ezikhona kanye nezinhloso zazo. Luhlose
ukukhanyisa kabanzi ngobumqoka bemvelo empilweni yeSintu. Luhlose ukucacisa bha
indlela abazingeli abaziphatha ngayo lapho bephume inqina. Lubabele ukuphonsa itshe
esivivaneni sokugcinwa kwamasiko oMdabu ahlaselwa yimbovane ephokophele
ukuwabhuqa nya Ukufaka ugqozi emphakathini ukuba uzigcine kahle izinto
ezingamagugu esizwe. Ukukhanyisa kabanzi ngeqhaza elibanjwe yinqina namaphisi
ekuthuthukisweni kolirni lwesiZulu.




Ucwaningo luzogxila emalungiselelweni enqina. Luzophinde lubheke ukumenywa
kwenqina kanye nezikhali ezisetshenziswayo lapho kuzingelwa. Luzobheka kabanzi
izinhlobo zenqina ezilandeiayo: Inqinambumbulu; inqina yakomkhulu; inqina yesigodi;
inqina yomkhosi wokunyathela uselwa; inqina kakhukhulelangoqo nenqina yehlambo.
Isikhathi sokuphuma inqina sizobhekwa kabanzi. Luzophinde luthinte izigubho zenqina.
Luzogxila kanzulu kwinqubo elandelwayo enqineni Luzogxila kabanzi
ezimweni zokukhuluma eziqambeke ngenxa yempilo yobuphisi eyayiphilwa ngokhokho.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/264
Date January 2001
CreatorsZulu, Vusumuzi Alfred
ContributorsKhumalo, L.Z.M.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0132 seconds