Return to search

Ucwaningo olunzulu ngesiko lokubuyisa iThongo

A dissertation submitted in fulfillment of the requirements of the Master of Arts in the Department of iSizulu namaGugu at the University of Zululand, 2004. / Ucwaningo olwenziwe kulo msebenzi lumayelana nokubuyisa ithongo noma
idlozi. Ukubuyisa lokhu kwenziwa ngenkolo yaboMdabu, yokuthi umoya
womuntu osewashona uyabavikela abomndeni abasaphila. Lolu cwaningo
luyimpendulo yokuthi kahle hIe yini ebuyiswayo.
Ngenkathi kucaciswa ngenkambiso yesiko lokubuyisa nemmmmgwane,
kunikezwa nezexwayiso kwabaphilayo. Uma leli siko lingenziwanga sampela
noma lingenziwanga ngenhlonipho nentobeko elifanele; abaphilayo bazidonsela
amanzi ngomsele. Bavelelwa amashwa namashobolo. Izindlela zabo zibemnyama.
Esahlukweni sokuqala, isigaba 1.4, kuchazwa amagama asetshenziswe
ukuchaza izimo e:zithile njengokuthi; ukulanda owashona akufani
nokubuyisa ithongo. Umsebenzi womuthi wamadlozi, umlahlankosi awufani
ngazo zonke izikhathi. Abaphilayo kufanele babenolwazi nokuqonda yonke
inhlonipho ephathelene nenkolo nomsebenzi wesiko ngoba inhlonipho
yabangasekho neyempilo yonke jikelele iyingxenye yamasiko namagugu enza
ukuthi isidalwa esingumuntu sehlnke ezilwaneni.
Isahluko sesibili sichaza ngobukhona bemimoya enamandla phezu
kwezidalwa ezingabantu. Le nkolo yemimoya (Spiritism), ikhona enkolweni
yamasiko oMdabu futhi ikhona nasenkolweni yobuKrestu nakwezinye izinkolo.
Le mimoya, iyimimoya yabantu asebashona okuthi uma izihlobo zayo
ziyihlengile ngempumelelo, iziveze ingamadlozi noma amathongo, iqonde
ukwakha ubudlelwano obuhle obubonakala ngokuvikeleka, impumelelo
nezinhlanhla kuzihlobo zayo ezisaphila. Uma izidingo zale mimoya
zingafezwa, iqhamuka isiyizithunzi eziletha isinyama, kwenye inkathi ibe
yizithutha ezihlasela, zibhuqabhuqe umndeni ngezifo, umuzi uvalwe
ngehlahla. Izipokwe nemingcwi zikuleli butho le mimoya
engondingasithebeni ngoba mhlawumbe ingafihlwanga ngenhlonipho,
ingazilelwanga noma ingabuyiswanga. Isiko lokubuyisa lingubufakazi
benkolo ethi; abasishiyayo kulo mhlaba baya ndawana thize, lapho bafike
bahlangane khona noMvelinqangi kanye nezigidigidi zezinkulungwane
zamalungu emindeni yabo ezedlula mandulo kulo mhlaba.

Ngokwenkolo yaboMdabu, tmtmoya noma imiphefumulo yalaba bantu
asebekweliphakade isisondelene noMvelinqangi, sekuyimimoya engcwele
esiyophila ingunaphakade. Le mimoya iyabuyiswa izobheka, ivikele abaphilayo
noma singathi iyabuyiswa ingcweliswe ngokwesiko njengoba kubuya umoya
wedlozi uzosebenza "uphile" kophilayo.
Ngokwenkolo yaboMdabu, kukhona izindawo ernzini waboMdabu ezingcwele,
ezihlonishwa kakhulu ngoba ziyizizinda zamathongo. Le mimoya-ke
ibuyiswa, ikhushulelwe, yethulwe kulezi zindawo. Imidati ngalezi zindawo
nemininingwane yesiko eqondene nazo, idingidwa esahlukweni sesithathu.
Isahluko sesine sihluba udlubu ekhasini mayelana nokuthi Iiyini isiko lokubuyisa
ithongo. Lesi sahluko sidingida ngenkambiso yokwaziswa kwabomndeni nozalo
ngomsebenzi, nangokusingathwa ngenhlonipho kotshwala balo msebenzi.
Siphetha ngokubika,nokumenywa kwabangasekho ngembuzi ukuba bazobusisa
10 msebenzi. Ngalolu suku usuke usuqalile umsebenzi wokubuyisa ithongo.
Isahluko sesihlanu silandisa ngokuqhubeka ngosuku Iwesibili lomsebenzi,
okulusuku lokuwa kwenkomo. Ukuhlatshwa nokuhlinzwa kwale nkomo
kubuveza obala ubucayi nobunzima balo msebenzi. Usuku Iwesithathu nalo
lunolwayo imidati nemikhutshana yokuphothula umsebenzi wonke. Umoya
womufi sekusukwa nawo esibayeni usuyokwethulwa endlini enkulu, eyisigodlo
samathongo.
Ukubuyisa ithongo okuqhakanjisiwe ngokomnumzane, indalabantu. Ukubuyiswa
kwenzalabantu, omame nonina womnurnzane kuthiwe halamuzi. Kugxilwe
kumnurnzane ngoba maningi amasiko nemikhutshana egcinwayo uma kubuyiswa
ithongo lomnurnzane ukwedlula laba abanye. NeNkosi yesizwe ingumnumzane
ngakho-ke iyathinteka nayo njengomnurnzane.
Isahluko sesithupha simayelana nokuhlaziya nokuphetha. Siphethe izincomo
nokusonga jikelele. Izincomo ezikhona ezokunxenxa nokunxusa abantu ukuthi
bagcine amasiko abo bangagijimeli amasiko nenkolo yezinye izizwe, bafenyise
amasiko nenkolo yaboMdabu. Kungaba kuhle aboMdabu baqale bahlunge
amasiko esingathi awasahambisani nesikhathi nenhlalo yesimanje, bese
kuthi lawo masiko asengumgogodla wenkolo yaboMdabu navuselela
ubuntu bezizwe zoMdabu zase-Afrika athuthukiswe ezikhungweni
zemfundo yawo wonke amazinga, aqhakanjiswe futhi nasemibuthanweni
yaboMdabu.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/162
Date January 2004
CreatorsNtuli, Mbongiseni Samuel
ContributorsKhumalo, Z.L.M.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0026 seconds