Return to search

Ukubaluleka kokulobola njengesiko lamaZulu

Submitted to the Faculty of Arts in fulfilment of the requirements for the Degree of Master of Arts in the Department of African Languages at the University of Zululand, South Africa, 2012. / Lona ngumsebenzi wocwaningo oluhlelwe ngokwezahluko eziyisihlanu. Ucwaningo
olwenzelwe kulo msebenzi lumayelana nokubaluleka kwelobolo njengesiko lamaZulu.
Isahluko sokuqala sethula ucwaningo jikelele ngokucwaningisisa izinjongo zocwaningo,
intshisekelo yocwaningo, indlela yokuqhuba ucwaningo, imidiyo yocwaningo,
abazohlomula kulolu cwaningo kanye nezingqinamba ucwaningo olungahle
luhlangabezane nazo.
Isahluko sesibili sethula ngokugcwele ukubaluleka kwesiko lokulobola, kwethulwa
imibono yongoti abehlukene ngaleli siko nokubaluleka kwalo. Kubuye kwethulwa
ngokuqhathanisa isiko lokulobola emandulo kanye nasesikhathini samanje. Kubuye
kwabhekwa ngokujulile ukuthi ubani olobolayo nokuthi umuntu onjani olotsholwayo.
Kuso lesi sahluko kubuye kwabhekwa ukuthi amanye ama-Afrika wona analo yini leli
siko kanye nezizwe zaphesheya kwezilwandle.
Isahluko sesithathu sethula imithetho yokuqhuba isiko lokulobola nezindlela okumele
zilandelwe kuleli siko. Kuqalwe ngokuba kuchazwe ngokugcwele ukuthi kulotsholwa
ngani. Kubuye kwavezwa ukuthi kulotsholwa kanjani. Zonke izinto eziphathelene
nokulobola zichazwe ngokugcwele. Ngasekugcineni kwesahluko kuveziwe ukuthi
umuntu ulotsholwa kangaki? Kuphi? Izithombe nazo ziveziwe ukucacisa ezinye izinto.
Isahluko sesine sethula amanye amasiko ancikene nesiko lokulobola nezinto ezingaba
nomthelela ongemuhle ongagcina ulifiphazile leli siko. Athintwe onke amasiko ancikene
nesiko lokulobola. Ziveziwe nezinto eziyimikhuba uma kuqhutshwa leli siko. Ziveziwe
izinto ezingalikhuthaza nalezo ezingalifiphaza leli siko.
Isahluko sesihlanu simayelana nokuhlaziya nokuphothulwa kocwaningo. Siphethe
izincomo nokusonga jikelele kocwaningo. Lesi sahluko sibophe saqinisa onke amafindo
abesele elenga ocwaningweni sawabopha athula du.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/1222
Date January 2012
CreatorsGumede, Nontobeko Bongi
ContributorsKhumalo, Z.L.M
PublisherUniversity of Zululand
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0028 seconds