Return to search

Zibanjwa zimaphuphu kwelikaMthaniya kaNdaba

Submitted in fulfillment of the requirements for the degree of Doctor of Philosophy
in the Department of African Language at the University of Zululand, South Africa, 2009. / Lolu cwaningo luyimizamo nemvuselelo yamasiko okusingatha abantwana besuka
ebeleni baze babe badala. Kunezigaba eziningana umntwana edlula kuzo kulolu khalo
lokukhula oluphikelele ebudaleni. Namuhla kunezinkinga ezitholakalayo lapho abazali
bekhulisa abantwana babo. Izinkinga ezibangwa ukunyonkela isikomqondo
laseNtshonalanga. AbaseNtshonalanga abakhombisi nhlanganyelo uma bekhulisa
abantwana babo. AmaZulu wona athi umntwana owesizwe, okaBayede Ongangezwe
lakhe, iNgonyama. Abantwana bamaZulu bakhuliswa ngenhlanganyelo kusukela konina,
kubazanyana kuze kuyofika emaqhikizeni uma kanti umntwana uyintombazane. Abafana
bona bakhulela esizikithini sabanewabo okuyibona beqondisa indlela yabo ezinkomeni.
Umcwaningi uthi uZulu ake awaphonse emuva abone ukuthi babekhuliswa, besingathwa
kanjani abantwana kwelasendulo.
Isahluko sokuqala sigxile ezinhlosweni kanye nenkuthazo efikele umcwaningi
ngenkathi ebona umonakalo nencithakalo isizwe esesiphila kuyo. Ucwaninge ngalesi
sihloko egcizelela amasiko ayegcinelwa abantwana ngezikhathi ezithile zokukhula.
Kulesi sahluko kubukwe nendlela okuzoqhutshwa ngayo ucwaningo. Kuyokwenziwa
njani ukuze lolu cwaningo lube yimpumelelo. Lapha kubuye kwabhekwa izikhali
eziyosetshenziswa ukuyifezekisa inhloso yocwaningo. Kuzothi kanti kubuzwa kubantu
bangakhohlakali ongoti, omakadebona. Banolwazi oseluhloliwe lwathenjwa yisizwe.
Isahluko sesibili kubhekwa umuzi wesiZulu njengekhaya akhulela kulo umntwana.
Ikhaya ngokwalo lingumqeqeshi isibili. Abantwana bafunda ekhaya ukuhlonipha abanye
kanye nabadala. Uhlonze lwekhaya lubonakala kumntwana okhuliswe yilo. Asifiki
isikhathi lapho abantu bethi: “Lokhu kwakhulela esimpontshini njengephela.”
Kulesi sahluko kubhekwa izindlu nokubaluleka kwazo. Kubhekwa uthango, isibaya
nemithetho yokusingatha lezi zakhiwo. Kusekhaya lapho abantwana befundiswa
ngezimakade ezinjengoMvelinqangi noNomkhubulwana. Kulesi sahluko abantwana

bafundiswa ngenhlonipho yempahla, izinkomo nezimbuzi. Bafundiswa ngobungcwele
bobisi nokuphathwa kwalo. Imfundiso ihamba ize iyofika ebulongweni imbala. Nabo
buphathwa ngenhlonipho njengobisi. Kulesi sahluko kubukwa ukuphathwa kwamanzi
phakathi komuzi wesiZulu. Abantwana bafundiswa ukungahambi ebusuku funa badibane
nemimoya efuqayo. Abantwana bafundiswa inhlonipho yokungabizi amagama abantu
abadala. Bafunda nokuthakazela okusigcwalisa nswi isiZulu.
Isahluko sesithathu sigxile endlini kagogo njengesizinda okhalweni lokukhaliphisa
abantwana. Kukule ndlu lapho abantwana beqoqana khona ngezintambama bezofunda
ubuchwepheshe kuninakhulu. Yiyo le ndlu eyisizinda sezinganekwane,
iziphicaphicwano, imidlalo yokufunda ukubala izinyoni. Kukuyo le ndlu lapha
abantwana befundiswa khona imilolozelo yokuthulisa abantwana. Abantwana
bafundiswa ngabathakathi nemikhovu.
Isahluko sesine sibheka imidlalo yabantwana njengesu lokubakhulisa. Kunezinhlobo
eziningi zemidlalo ekhulisa imiqondo yabantwana. Kulesi sahluko kubalwa okhelekhele,
ukubala izinyoni njengomdlalo. Ukudla iphaphu kungumdlalo omkhulu wabafana
ekwaluseni. Abantwana bafundisana ukuzingela amabuzi neminye imidlalo.
Isahluko sesihlanu silandela abafana ekwaluseni nalapho behlangana nezinyoni.
Abafana bafunda ngezinyoni ezingadliwa nezidliwayo. Kufundwa ngomthelela
wezinyoni esintwini. Ezinye zingabahlonzi bezikhathi, zibikezela ihlobo. Zivusa omame
ukuba batshathe amakhuba bayolima. Kubukwa nendlela ezizalela ngayo. Lezo zinyoni
ziwondla ngani amaphuphu azo. Ezinye izinyoni ziphila ngokusizana ekufukameleni
amaqanda nasekondleni amaphuphu. Kukhona ezinye izinyoni ezidla ezinye. Ezinye
zilusizo, zilayela abafana izinyosi. Kunezisho nezaga zesiZulu ezisuselwa ezinyonini.
Isahluko sesithupha siyingqikithi yalolu cwaningo. Kubukwa abantwana bengena
ezigabeni ezehlukene, bengena ngemigidi nangamasiko. Kulesi sahluko kubalwa
ukuklekla namasiko okukusingatha. Kulesi sahluko kukhulunywa ngesiko lokusukula.
Lisingathwa kanjani leli siko. Abantwana balandelwa base bakhule, amantombazane
vi
aphuke. Uma intombazane yephukile, isingathwa kanjani imicimbi yalokho kwephuka.
Uma umfana eshaywe izibuko, kwenziwa njani ukusingatha leyo micimbi.
Isahluko sesikhombisa kubukwa abantwana baze bakhule. Uma sebekulesi sigaba babe
sebexibulana beshelana belungisela ukuganana. Kukhulunywa ngamacece ahlanganisa
abasha. Abantwana bakhula phansi kweso elibukhali lamaqhikiza uma
bengamantombazane. Bakhula phansi kweso elibukhali labanewabo uma bengabafana.
Abantwana bafundiswa indlela yokuziphatha uma benosofasilahlane babo.
Isahluko sesishiyagalombili siveza isihlaziyo lapho kuhlaziywa khona ucwaningo.
Kuvezwa nezincomo ezingalandelwa ukuvula amehlo omphakathi ukuze usizakale
ezinkingeni zawo. Izincomo zikhuthaza kakhulu umuzi oNsundu ukuba unamathele
emagugwini awo okuyindlela amasiko nenkolo yoMdabu ukuze kuthi noma beqhuba
ngendlela yesilungu kodwa bangakulahli okwakubo okuyindlela yawokhokho babo.
Kulesi sahluko kubesekuboshwa onke amafindo abengakaboshwa. Aboshwa aqiniswe
kube isiphethiwe-ke imbenge.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/1231
Date January 2012
CreatorsCele, Phillip Magaye
ContributorsKhumalo, Z.L.M., Mbuli, T.J.
PublisherUniversity of Zululand
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageEnglish
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0031 seconds