Return to search

Ucwaningo ngeqhaza labesifazane esizweni samaZulu, kubhekiswe kakhulukazi kuMkabayi kaJama

Submitted in partial fullfilment for the requirements of the degree of Master of Arts in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2002. / Lolu cwaningo lubheka iqhaza labesifazane esizweni samaZulu .Kubhekiswe
kakhulukazi kuMkabayi kaJama owayengubabekazi kaShaka. Ucwaningo oseluke
lwenziwa ngaphambilini ngabacwaningi abanjengo-Nkuna (2001) lapho wavecwaninga
khona ngeqhaza labesifazane bamaSwazi kwimidlalo (dramas). Uthi likhulu iqhaza
elibanjwe ngabantu besifazane nokuba bethathwa njengabantu abangabalulekile nje
kakhulu emphakathini uma beqhathaniswa nabesilisa.
Kunenkolelo yokuthi abantu besifazane bangabantu ababi ngoba kwasekuqaleni ibona
abaletha isono 'emhlabeni lapho u-Eva elinga u-Adam ngokumephulisa umyalo
kaNkulunkulu owayebayale ngawo ngesikhathi ebabeka ensimini yase-Eden. Baze bathi
abanye wake wasilaya u-Eva ngabe asihlupheki njengoba sihlupheka kangaka nje. Konke
lokho njalo ubunzima obethweswa umuntu wesifazane.
Ocwaningweni olwenziwayo ngabantu besifazane kuyatholakala ukuthi babukeleka
phansi kakhulu. Bathathwa njengabantu abangabalulekile kakhulu nemisebenzi yabo
engemikhulu kakhulu. Uma uxoxisana nabantu besifazane uyathola ukuthi abaningi
bayayibona nabo le ndlela abantu besifazane abathathwa ngayo. futhi bayakhombisa
ukuthi nabo abayithandi. Akukho okuhle okulindeleke kumuntu wesifazane ngoba uke
uzwe kuthiv,a uma umuntu wesifazane enze kahle '"udodile". lokho kukhombisa
ngokusobala ukuthi umuntu owenza kahle indoda kuphela

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/266
Date January 2002
CreatorsManyathi, Phumzile Precious Pinky
ContributorsMathenjwa, L.F., Sikhosana, E.L.Z.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0044 seconds