Return to search

Ucwaningo olunzulu ngeqhaza elibanjwe ukulwa nezimpi ekukhulisweni kolimi lwesiZulu

Submitted in fulfilment for the degree Master of Arts in the Department of Isizulu namaGugu at the University of Zululand, 2006. / Lona ngumsebenzi wocwaningo ohlelwe ngokwezahluko eziyisithupha. Leso naleso
sahluko sizinze emgomeni munye ogqamile ngeqhaza elibanjwe ukulwa nezimpi
ekukhuliseni ulimi IwesiZulu.
Isahluko sokuqala sethula
zocwaningo, ukuveza inkinga,
kanye nomdiyo wocwaningo.
ucwaningo jikelele ngokuxwaningisisa izinjongo
incazelo yamagama, izindlela zokuqhuba ucwaningo
Isahluko sesibili sijule ngemvelaphi yokulwa kanye nezimpi okususwa ukucasuka
okuthile. Lokhu kuthinta impi ozalweni, ukulwa okusegazini lomuntu, ukulwa
okususelwa ekusetshenzisweni kwemithi, impi yezwe kanye nempi yempilo.
Isahluko sesithathu sibuka izikhali zokulwa nendlela yokuzisebenzisa. Kulezo zikhali
kukhona ezokushaya ezithinta izinhlobonhlobo zezinduku. Kuthintwa izinhlobo
zezinduku ngokwamagama emithi kanye nokusetshenziswa kwegama induku
ngokuyimfihlo. Kubuye kwathintwa nemikhonto ngezinhlobo zayo, izikhali zokugenca,
nezokudubula.
Isahluko sesine sicwaninga ngomnikelo wezimpi nokulwa ekukhuliseni ulimi kusukela
ngaphambi kwesikhathi seNkosi uShaka, ngesikhathi seNkosi uShaka nangemuva
kwesikhathi seNkosi uShaka. Lapha kungena amagama, izisho, izaga, amahubo,
izigiyo nemichwayo.
Isahluko sesihlanu siphuza ekuthuthukisweni kolimi ngenxa yezifengqo zempi.
Izifengqo ezithintiwe yisifaniso, yisingathekiso nefanamsindo.
Isahluko sesithupha siyahlaziya ebese siphothula. Ngamafuphi kuhlonzingwa
ngononina konke okutholakale ocwaningweni kusukela esahlukweni sokuqala kuze
kuyofika esahlukweni sesihlanu ebese kwephethwa imbenge

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/427
Date January 2006
CreatorsMzimela, Mpiyezintombi Boy
ContributorsKhumalo, Z.L.M.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0131 seconds