Return to search

Ucwaningo ngokuthuthuka kolimi lwesiZulu emkhakheni wokuhumusha

Submitted to the Faculty of Arts for the fulfillment of the degree Master of Arts in the Department of IsiZulu naMagugu at the University of Zululand, 2010. / Kuningi okuvunjululwe ucwaningo. Kutholakale ukuthi ulimi lwesiZulu nanamhlanje lusabukelwa phansi kunezinye izilimi. Abantu abaNsundu abakhuluma ulimi lwesiZulu nabo bayazenyeza ngolimi lwabo. Akukho ukuziqhenya nokuziqhayisa ngolimi lwabo. Lokho kubonakala ngokuthi balukhulume babuye baluxube nolimi lwezinye izizwe, olunjengolimi lwesiNgisi nesiBhunu.

UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, wonyaka we-1996, uveza ngokusobala ukuthi izilimi azisebenze ngokulinganayo. Ngokocwaningo izikhungo eziningi ezivakashelwe kutholakale zingawulandeli lo Mthethosisekelo. Kutholakala kunezilimi ezisetshenziswa kakhulu kunezinye. Abantu abangazazi lezo zilimi ezisetshenziswa kakhulu, bazithola besenkingeni enkulu.

Ucwaningo belubheka nokuthi ngabe imibhalo eyayibhalwe ngolimi lwesiNgisi nesiBhunu isihunyushelwe yini olimini lwesiZulu. Eminye imibhalo sekuzanyiwe ukuthi ihunyushwe kodwa eminye isabhalwe ngalo ulimi lwesiNgisi nesiBhunu. Kutholakale ukuthi naleyo mibhalo esihunyushiwe, eminye ibhalwe ngesiZulu esingaqondile.

Kucace ngokusobala ukuthi iBhodi leziLimi laseNingizimu Afrika (PanSALB) kanye nabacubunguli bolimi, kumele bathathe igxathu elikhulu. Kumele kube nezikhungo zokuqeqesha abahumushi notolika. Abantu abaqashelwa ukuhumusha nokutolika kube yilabo abaqeqeshiwe. Izikhungo okwenziwe kuzo ucwaningo iningi lazo azazi ukuthi inqubomgomo yolimi ibalulekile. Abacubunguli bolimi kumele baphume bangene bafundise ngenqubomgomo yolimi, ngoba abazi nokuthi kuyini lokho.

Ukuphetha nje ulimi lwesiZulu luthuthuka kancane kakhulu eNingizimu Afrika.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/541
Date January 2010
CreatorsMthethwa, Florence Bongiwe
ContributorsMashiyane, Z.J.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0019 seconds