A thesis submitted in partial fulfillment of the requirements for the degree of Master of Arts in the department of Isizulu naMagugu in the Faculty of arts at the University of Zululand, 2005. / Lona umsebenzi wocwaningo ohlelwe ngokwezahluko
eziyisikhombisa. Leso naleso sahluko sigxile emgomeni owodwa
ogqamile ezinkondlweni zembongi ekhethelwe lolu cwaningo u-EJ
Mhlanga.
ISAHLUKO 1: sendlalela ucwaningo ngokucubungulisisa
izinhloso, izindlela nomkhawulo wocwaningo kanye nomlando
wembongi okuhlaziywa izinkondlo zayo. Kugxilwe ezinhlosweni
zokucwaninga imvumelwano, ifanamsindo, ukuxhumanisa,
impindamqondo nempindwa kanye nesigqi. Umkhawulo
wocwaningo ugxile emaqoqweni ezinkondlo ayisithupha,
okukhethwe izinkondlo ezingamashumi amane nesithupha
ezihlungelwe lolu cwaningo. Kusetshenziswe izindlela zocwaningo
ezimbili: indlela yemibuzo negokufundwa kwezincwadi eziqukethe
imigomo yokuhluza.
ISAHLUKO 2: sithinta imvumelwano ezinkondlweni eziqokiwe.
Sigqamisa izindawo izimvumelwano ezitholakala kuzona:
ekuqaleni, maphakathi nasekugcineni kwemigqa yezinkondlo.
ISAHLUKO 3: kucutshungulwe ukufana kwemisindo ukusukela
konkamisa, ongwaqa kuze kufinyelele kumalunga. Kuhlaziywe
kabanzi ofanankamisa, fanangwaqa nefuzamsindo ekuvezeni
imiqondo nemigqumo ezinkondlweni.
ISAHLUKO 4: lapha kucwaningwe ngokuxhumanisa kwagxilwa
ezindaweni okwenzeka kuzona: ekuqaleni, maphakathi
nasekugcineni kwemigqa yezinkondlo. Kuhlaziywe nendlela
okwenzeka ngayo okuthinta ukweqa imigqa, ukuphambana,
ubunxemu nokuba mazombe.
ISAHLUKO5: siveza ukusebenza kwempindamqondo egqanyiswe
ukusetshenziswa kwamagama aphindiwe ngenhloso yokuletha
umgqumo ezinkondlweni. Impindwa ivuzwe ukuphindeka
kwemigqa ekuqaleni, mmaphakathi nasekugcineni kwezingaba
zezinkondlo.
ISAHLUKO 6: kucutshungulwe isigqi esigqanyiswe ukwelekana
kwemigqa, ukweqiwa kwawonkamisa, amalunga namagama athile
aphelele. Kuhlaziywe izigaba, izindima nezikhawu ezitholakala
ezinkondlweni ezikhethelwe lolu cwaningo.
ISAHLUKO 7: siqoqela ndawonye imiphumela nezincomo
zocwaningo. Kuvela iziphakamiso nezinselelo okufanele
zihlolisiswe ngabanye abacwaningi ekuhluzweni kwezinkondlo.
Identifer | oai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/113 |
Date | January 2005 |
Creators | Thwala, Delisile Emmah |
Contributors | Khumalo, L.Z.M. |
Source Sets | South African National ETD Portal |
Language | Zulu |
Detected Language | Unknown |
Type | Thesis |
Format | application/pdf |
Page generated in 0.0021 seconds