Return to search

Isiko lokuthethwa kwedlozi

Submitted to the Faculty of Arts in fulfillment of the requirements of the Honours Degree in the Department of African Languages at the University of Zululand, South Africa, 1997. / Izinhloso zalolu cwaningo ukulekelela isizwe sakithi singalahlekelwa ubuntu
nobuzwe baso. Ukukhuthaza isizukulwane esisha ukuba sazi, kumbe
sizimbandakanye namasiko esintu. Lolu cwaningo luzoqwashisa abantu
abaningi asebalahla amadlozi akubo Ucwaningo luzophawula ngokungahlonipheki
nokungagcineki kwedlozi ngernfanelo. Ucwaningo luhlose ukuvimbela isejwayezi esibi sokuthatha imikhuba noma
amasiko ezinye izizwe. awesintu abeseshabalala unomphela. Kulolu
cwaningo kuzothintwa imicimbi ethile. nezenzeko zokuthetha idlozi
ngokukhuluma noma ngokwenza ungakhulumanga. Ucwaningo luhlose
ukuveza ubuciko bomlomo isintu esinabo kwizizukulwane ngezizukulwane.
Ucwaningo luzoqhakambisa ukuphathwa nokukhuseleka kwethu
ngabakwelingafelwa. nkonyane. Kuyisiko elibalulekile kithina maZulu ukuthethwa kwedlozi. Amadlozi
siyawakhumbula siwahloniphe ngoba aphathelene nabaphansi. Kufanele
kucace, kumbe kubesobala ukuthi sikhuluma nabakithi asebekwelingafelwa
nkonyane .
Umlando wempilo uzothinta uzalo lonkana, kuze kufike kokhulukhulwane.
Ukukhula, ukuziphatha. nempilo yentombazane nomfana ekhaya kuxhomekeke
ezinyanyeni zekhaya kusukela ebunganeni baze bayokwenda, noma
bendelwe. Isigaba nesinyathelo abasithathayo ekukhuleni kwabo sibikwa emadlozini
ngoba kuyiwona abasingethe kulo lonke uchungechunge lwezigaba
abadlula kuzona.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/1120
Date January 1997
CreatorsMakhanya, Ntokozo Favourite
ContributorsKhumalo, L.Z.M.
PublisherUniversity of Zululand
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0015 seconds