Return to search

Ukuvezwa komlando nesiko endabeni ka C.T. Msimang ethi "Buzani kuMkabayi"

Submitted in partial fulfilment of the requirements for the Degree Master of Arts in the Department of African Languages in the Faculty of Arts at the University of Zululand, South Africa, 2001. / Lolu cwaningo lucubungula ukuvezwa kwesiko kanye nomlando endabeni elotshwe ngu- Msimang C.T. esihloko sayo sithi "Buzani KuMkabayi".



Esahlukweni sokuqala kwethulwa intshisekelo yalolu cwaningo. Kuvela ukuthi izindaba yizona ezingumgogodla wesizwe, yizona eziyisilulu noma inqolobane equkethe amagugu esizwe. Yiwo lawa magugu ayohlala njalo edingwa yizizukulwane ngezizukulwane zikaPhunga noMageba. Kuso lesi sahluko kuvezwa inhloso yalolu cwaningo. Kuhlaluka ukuthi lolu cwaningo luhlose ukuhlola izinhlobo ezimbili zesiko, amasiko amnandi emukelekayo emphakathini kanye nalawo abuhlungu angemukeleki kahle emphakathini. Amasiko ahlolwayo atonyulwa endabeni ecutshungulwayo.
Isahluko sesibili siqondene ngqo nokuvezwa komlando endabeni ecutshungulwayo, kwazise ukuthi le ndaba iqukethe imilando enhlobonhlobo. Isakhiwo jikelele sendaba kusukela esihlokweni sendaba, isingeniso, indikimba kugcine esiphethweni sendaba konke kusethulela imilando enhlobonhlobo. Yiyo kanye lemilando ebaluleke kakhulu nokumele ukuthi isizukulwane sonke sikaMalandela siyazi siyiqondisise.



Isahluko sesithathu sihlola amasu kanye namangwevu
asetshenziswa nguMsimang ekuvezeni isiko endabeni
ecutshungulwayo. Kuvela ukuthi kukhona amasiko
angemukeleki kahle emphakathini ngenxa yokuthi aholela abantu abathize ukuya kwelamathongo. Akhona namnandi amasiko emukelekayo emphakathini. Zonke lezi zinhlobo zamasiko ziyacutshungulwa ngeso elijulile kulesi sahluko. Kubhekwa nemiphumela yokungawagcini amasiko, kuhlaziywa ukuthi izelelesi eziwabukela phansi amasiko athize zigcina zehlelwa yimuphi umshophi.



Isahluko sesine sicubungula ikhono likaMsimang lokuthandanisa isiko nomlando. Kuvela ukuthi ezigamekweni eziningi ezenzeka endabeni ehlaziywayo, isiko nomlando kwenziwe kwaba ngamathe nolimi. Lapha ucwaningo lutomula isigameko ngasinye ukuze lukopolote isiko eliqukethwe luphinde lukopolote umlando oqukethwe kuleso naleso sigameko. Konke lokhu kwesekelwa ngokuthi kwenekwe izizathu eziqavile ezenza kubonakale ukuthi kuthandaniswe izinto ezimbili.



Isahluko sesihlanu sihlaziya ucwaningo lonke jikelele. Ekuhlaziyweni kocwaningo kugcikisiswa izikhala ebezisele zivulekile. Inhloso yalokhu ukuthandanisa umqulu wocwaningo.
Kuso lesi sahluko kwethulwa izincomo ucwaningo oluzitholayo maqondana namangwevu asetshenzisiwe endabeni ecutshungulwayo. Emva kwezincomo kuyaphethwa.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/895
Date January 2001
CreatorsBiyela, Nestar Fikile
ContributorsKhumalo, Z.L.M.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0021 seconds