Return to search

Ubunkondlo obutholakala ezithakazelweni zesiZulu

Submitted in fulfilment for the degree Master of Arts in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2009. / Lolu phenyo luzama ukuveza ubunkondlo obutholakala ezithakazelweni zesiZulu. Kulolu hlobo lwezinkondlo okuyizithakazelo sithola ukujiya nokusetshenziswa komqondo okunzulu.Phela izithakazelo zithathwa njengomkhuleko kuleso sibongo kanti futhi izithakazelo ziqukethe umlando wokhondolo lokuzalana kuleso sibongo. Yizona ezihlanganisa uZulu wanamuhla noZulu wayizolo.
Lolu phenyo ke luyozama ukuveza ukuthi izithakazelo azisetshenziswa kuphela lapho kubingelelwana, kukhulekwa, kukhongwa noma ubonga okuthile okuphiwayo noma ubonga okuthile okwenzelwe ngulowo muntu. Kodwa lolu phenyo luyozama ukukhombisa ukuthi izithakazelo zijiyile kunalokho zinobunzulu kanye nezimpawu zobunkondlo.
Yingakho lolu phenyo kufanele luzame ukuveza lobu bunkondlo nobunzulu obutholakala ezithakazelweni. Lolu phenyo luyozama futhi ukuveza ubunkondlo obukhona ezithakazelweni kumazinga ahlukahlukene. Izinga lokuqala ukuveza isakhiwo sangaphandle. Izinga lesibili ukuzama ukuveza isakhiwo sangaphakathi. Izinga lesithathu ukuzama ukuveza ubunkondlo obusezingeni eliphezulu obubonakala bukhona ezithakazelweni. Lolu phenyo luzobuye luveze izinhlobo zezithakazelo ezikhona esiZulwini. Lolu phenyo luyophethwa ngokuba lethule izihlaziyo kanye nezincomo eziyosiza abanye abahlaziyi nabacubunguli kulo mkhakha wobuciko bomlomo.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/604
Date January 2009
CreatorsMalibe, Joseph Mzingeli
ContributorsMashiyane, Z.J.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0023 seconds