Return to search

Ukuzibophezela ekuqhakambiseni usikompilo encwadini insumansumane ebhalwe ngu Elliot Zondi.

Lolu cwaningo, "Ukuzibophezela ekuqhakambiseni usikompilo encwadini
Insumansumane ebhalwe ngu-Elliot Zondi", luhlose ukuveza ukubaluleka
kwezingxenye zosikompilo lukaZulu ezitholakala encwadini ebhalwe ngu-Elliot Zondi
ethi iNsumansumane. Lolu cwaningo lugqugquzelwe ngukuthi imibhalo eminingi
yesiZulu ayibukeki ikhuthaza okungamasiko namagugu esizwe sikaZulu kanti
Insumansumane ibukeka izibophezele empilweni yesizwe sikaPhunga noMageba. Lokhu
kuvela ezingxenyeni ezithile lapho uZondi ekhuthaza futhi eqhakambisa okungamagugu
esizwe sikaZulu, ethi kufanele kugcinwe, kuhlonishwe ngoba kungumgogodla wesizwe.
Ukubukezwa kwemibhalo esondelene nalolu cwaningo kuveze ukuthi abahlaziyi abathile
banemibono eyahlukene ngomyalezo oqukethwe yiNsumansumane. Lolu cwaningo
lubheke yonke lemibono lwase luqhamuka nombono owahlukile. UZondi
kwiNsumansumane ulwa nemithetho yamaNgisi elumisa okwembabazane nephambene
nenqubo yesizwe samaZulu.
Imibhalo efana neNsumansumane iphonsa inselelo kwabanye ababhali besiZulu ukuba
babhale bakhuthaze ukugcinwa kwamasiko esizwe sikaZulu. Insumansumane ikhombisa
ukuthi ayisiwona nje umbhalo wokuba ufundwe ezikoleni kuphela, kepha nomphakathi
kaZulu wonkana ungazuza okuningi okuyisisekelo sobuzwe bukaZulu. UZondi akagcini
nje ngokuba aveze izinkinga ezikhungethe isizwe, kepha uveza nekhambi lokuxazulula
lezi zinkinga. Insumansumane ingumbhalo ofundisayo nokhuthaza ukwazana
nokubekezelelana kwezinhlanga ezakhele leli zwe, ezahlukene ngokwamasiko.
Ngaphandle kokuthi Insumansumane iyakhuthaza, iyisibuko sikaZulu lapho izizukulwane
ziyokwazi ukuzibuka khona, ziziqhenye ngobuzwe bazo, iphonsa inselelo kwabanye
ababhali besiZulu ukuba babhale ngokungananazi bakhuthaze ukugcinwa kwamasiko
esizwe sikaZulu. Ngenxa yemigomo yobufishane balolu cwanmgo, yokubheka kuphela ukuzibophezela
kweNsumansumane kusikompilo lwezenhlalakahle yesizwe samaZulu, angikwazanga
ukubheka eminye imikhakha kulo mdlalo nakweminye imibhalo ezibophezele
kusikompilo lukaZulu. Ukwenza isibonelo nje, umbhalo kaMsimang (1975) othi Izulu
eladuma eSandlwana, ubukeka ungomunye wemibhalo ezibophezele kusikompilo
lwezenhlalakahle kaZulu. Kungaba ukubamba iqhaza elibalulekile ukuba
kekucwaningwe kubhekwe ukuthi yiziphi izingxenye zosikompilo lwezenhlalakahle
uMsimang aziqhakambisile nokuthi zibaluleke kangakanani esizweni. / Thesis (M.A.)-University of Natal, Durban, 2002.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:ukzn/oai:http://researchspace.ukzn.ac.za:10413/4606
Date January 2002
CreatorsMathonsi, Sibuselaphi.
ContributorsMathonsi, Nhlanhla Naphtal., Magwaza, Thenjiwe S. C.
Source SetsSouth African National ETD Portal
Languageen_ZA
Detected LanguageUnknown
TypeThesis

Page generated in 0.0031 seconds