Return to search

Ukubaluleka kwemvunulo yomdabu osikompilweni lwabantu besifazane abangamazulu basendaweni yakwanobamba (Weenen) KwaZulu-Natali.

Lolu cwaningo lugxile ekubalulekeni kwemvunulo yomdabu osikompilweni lwabantu
besifazane abangamaZulu basendaweni yakwaNobamba. Imvunulo yomdabu
ayembathelwa ukwemboza umzimba kuphela, kodwa ngokwesiko, ihlukanisa abesifazane
ngokobuzwe nangokwezigaba zokukhula. Ingane engakathombi ayivunuli njengomuntu
osethombile okungaba itshitshi noma iqhikiza. Ongakagcagci akavunuli njengosegcagcile yena obonakala ngokufaka isicholo nangokubhinca isidwaba ukuhlonipha umyeni wakhe nabasemzini (Msimang, 1975: 173).
Ipharadaymu eqondayo yiyona eyasetshenziswa kulolu cwaningo. UMazibuko (2008: 68) uthi ngokwepharadaymu eqondayo lokho okucwaningwayo kwisayensi yenhlalo kufanele
kube nokuxhumana, okucwaningwayo kumele kube nencazelo futhi kuhlukaniseke
kulokho okubonwayo. Lokho okucwaningwayo kumele kube ngokuthintene nomuntu.
Kulolu cwaningo kwacwaningwa ngemvunulo yomdabu eyembathwa ngabantu kanye
nokubaluleka kwayo. Kwasetshenziswa indlela yokuxoxisana kanye nendlela
yokuqaphelisisa ukuze kutholakale ulwazi olwabe ludingeka. Injulalwazi ye-Oral Style
kanye neyeSocial Identity yizona ezasetshenziswa kulolu cwaningo. Injulalwazi ye-Oral
Style iveza ukubaluleka kobuciko bomlomo, ngakho-ke ilufanele lolu cwaningo lapho
kubonakala abesifazane bevunule ngemvunulo abayazi ngokudluliselwa yona ngomlomo
kusuka kokhokho babo. Injulalwazi iSocial Identity nalo ilufanele lolu cwaningo lapho
owesifazane ngemvunulo yakhe ekwazi ukuhlukaniseka ngokobulili, ngokobuzwe nangokwesigaba sokukhula.
Isidingo esikhulu salolu cwaningo ukuthola imbangela eyenza ukuba abesifazane bezigodi
zakwaNobamba ezaziwa ngokuthi kuseMsobotsheni, eKucasheni, kwaNhliwe
naseMgwamama, belokhu besalugcinile lolu siko lokuvunula. Akulula kubona
ukwehlukana naleli siko ngoba bazalelwe emphakathini owembatha le mvunulo. Bakholelwa ekutheni amadlozi abo ahlala emvunulweni, ngakho-ke ukuhlukana nayo
kungasho ukulahla amadlozi okuyiwona abavikelayo. Abesifazane bayahlangana
bafundisane ukwakha ubuhlalu, obuyingxenye yemvunulo. Leli khono lidluliselwa ngisho
ezinganeni zabo zamantombazane ukuze zikhule zikwazi ukuzenzela imvunulo.
Ukuhlangana kwabesifazane bakha imvunulo, kudala umoya wokuzwana nokuchitha
isizungu besele bodwa amasoka nabayeni besemsebenzini emadolobheni amakhulu njengaseGoli. Ukuguquka kwezikhathi kudala ukuba nemvunulo yomdabu iguquke ibe nomthelela
wesilungu. Izinga lokwembathwa kwemvunulo yomdabu alisafani nakuqala ngenxa
yokuthi abanye besifazane bayasebenza kobelungu. Amatshitshi namaqhikiza
ayaphoqeleka ukuba ekwembatheni kwawo angavezi amabele namathanga. Abesifazane
asebegcagcile bembatha amaphinifa amboza sonke isidwaba singabonakali ngoba
sizongcolisa. Izingane zamantombazane ezifunda isikole zigqoka umfaniswano wesikole
uma zisesesikoleni; seziyobuyela emvunulweni yazo lapho sekuphume isikole sezisemakhaya.
Abesifazane bakwaNobamba basalugcina lolu siko lokuvunula ngokuvunula uma kukhona imicimbi efana nehlamvu, (ukuhalalisela ukubuya kwamasoka nabayeni bevela
emadolobheni amakhulu njengaseGoli), umholo wezalukazi nomchanguzo. Bayavunula
futhi ngokugcwele emicimbini esuke ihlelwe nguMasipala lapho bejabulisa umphakathi
njengeqembu lesigekle nengoma. Othisha bayazigqugquzela izingane zesikole ukuba
zembathe imvunulo yomdabu uma kunemikhosi egujwayo. Uma owesifazane efisa ukusho
okuthile emphakathini, kubo lapho ezalwa khona, kumnakwabo, nasesokeni noma
kumyeni, akakukhiphi ngomlomo wakhe kepha kudluliswa yimvunulo ayembethe.
Okutholakele kulolu cwaningo ukuthi abantu besifazane bakwaNobamba bayazigqaja
ngale mvunulo yabo ephinde ikhuthaze amantombazane ukuba ahlale egcine ubuntombi bawo kuze kufike isikhathi sokugcagca. / Thesis (M.A.)-University of KwaZulu-Natal, Durban, 2013.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:ukzn/oai:http://researchspace.ukzn.ac.za:10413/9893
Date05 November 2013
CreatorsMkhwanazi, Nomthandazo Annaglad.
ContributorsMazibuko, Gugulethu Brightness.
Source SetsSouth African National ETD Portal
Languageother
Detected LanguageUnknown
TypeThesis

Page generated in 0.0022 seconds