Return to search

Ucwaningo lwamagalelo ka-M. M. Masondo ekubhalweni kwenoveli yophenyo esizulwini

A thesis submitted in partial fulfillment of the requirements for the degree of MASTER OF ARTS, in the faculty of Arts
in the department of ISIZULU NAMAGUGU
at the University of Zululand, 2006. / Lolu cwaningo lucubungula amagalelo ka M.M. Masondo ekubhaIweni kwenoveJi
yophenyo eSiZulwini. Lolu ewaningo lubanzi, kodwa phakathi kokunye luthinta
izinsizakuhlaziya (theories) zenoveli, imigomo yenoveli yophenyo kanye neqhaza
labaiingiswa ophenyweni. Kukhethwe le mibhalo ka M.M. Masondo ngoba kubonakala
kunguye osebhale amanoveli ophenyo amaningi lapha olimini lweSiZulu.
Lo msebenzi wehlukaniswe waba yizahluko ezinhlanu, kanje:
ISAHLUKO SOKUQALA
Lesi sahluko sethula lokho okuzoeutshungulwa kulolu ewaningo, ubumqoka kanye
nemiklamo yalo. Kugxilwe kabanzi nasemlandweni ngempilo ka M.M. Masondo.
Kugxilwe ekuvezeni umehluko phakathi kwenoveli ejwayelakile kanye nenoveli
yophenyo. Kuthintwe nezincazelo zamagama abukeka esemqoka kulolu cwaningo.
ISAHLUKO SESIBILI
Kulesi sahluko kugxilwe kabanzi ekueubunguleni izinsizakuhlaziya zenoveli.
Kunokondiswe lezo okubonakale ukuthi zizoyikhanyisa kangeono inoveli yophenyo.
Lezo zinsizakuhlaziya kube isenzekongqo (realism) kanye nenjulalisu (stylistics).
Kugxilwe nasekucubunguleni ezinye izinhlobo zamanoveli ophenyo. Lokhu kuveze
ukuthi kukhona uhlobo oIungathathwa ngokuthi luyinoveli yophenyo yakudala, kube
khona nohlobo oIuyinoveli yophenyo engaphelele kanye nenoveli yophenyo yesimanje.
Yilolu hlobo lokugema-ke okungena kulo amanoveli kaMasondo.

ISAHLUKO SESITHATHU
Lesi sahluko sona sivula ngokwethula iqoqa lamanoveli kaMasondo okugxilwe kuwo
kulolu cwaningo. Iqoqa lenzelwe ukukhanyisela labo abayofunda lolu cwaningo
bengakaze balithole ithuba lokuwafunda onke la manoveli kaMasondo okugxilwe kuwo
kulo msebenzi. Kubuye kwagxilwa nasemigonyeni yenoveli yophenyo. Kugxilwe kule
migomo elandelayo:
I. Icala lobugengu elibukeka IisobaIa
2. Umsolwa onukeka ebe engenacala.
3. Ukunhlanhlatha kwamaphoyisa.
4. Ukukhalipha nokuqaphela komphenyi.
5. lbohlololo elethusayo.
ISAHLUKO SESINE
Lesi sahluko sona sigxile eqhazeni elibanjwe abalingiswa ophenyweni lwamanoveli ka
Masondo. Kucutshungulwa labo balingiswa abasemqoka kubhekwe ukukholeka
nokungakholeki kwabo, nanomthelela lokhu okungase kube nawo emanovelini
ngokwehlukana kwawo.
Kucutshungulwe nokhondolo oluqaphelekayo emanovelini ka Masondo, Iapho
okuvela ukuphindaphindwa kwamagama abalingiswa athile emanovelini ahlukene.
kucutshungulwe noukuthi lokhu kunamthelela muni kule misebenzi ka Masondo.
ISAHLUKO SESIHLANU
Le ngxenye igxile ekusongeni ucwaningo. Kubuye kwethulwa neziphakamiso zalolu
cwaningo. Kule ngxenye kuphinde kuvezwe nokuthi uMasondo useyibekile induku
ebandla mayelana nokubhalwa kwenoveli yophenyo esiZulwinL kangangokuthi
imisebenzi yakhe isiyohlala iyisilinganiso salolu hlobo lwemibhalo.

  1. http://hdl.handle.net/10530/94
Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/94
Date January 2006
CreatorsNtuli, Sibusiso Louis
ContributorsMathenjwa, L.F.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0028 seconds