• Refine Query
  • Source
  • Publication year
  • to
  • Language
  • 1
  • Tagged with
  • 1
  • 1
  • 1
  • 1
  • About
  • The Global ETD Search service is a free service for researchers to find electronic theses and dissertations. This service is provided by the Networked Digital Library of Theses and Dissertations.
    Our metadata is collected from universities around the world. If you manage a university/consortium/country archive and want to be added, details can be found on the NDLTD website.
1

Sikhulekel’ ibomvu! Abalale bebabili, bavuke bebathathu

Cele, Phillip Magaye January 2010 (has links)
Submitted in partial fulfilment for the requirements of the degree of Master of Arts in the Department of African Languages, South Africa, 2010. / Lolu cwaningo luyimizamo nemvuselelo yamasiko aphathelene nokugana, ukuganwa nokuganiswa. Kubhekisiswa amasiko agcinwayo kule micimbi ukuze kungaveli izinkinga ezinye zazo ezingaba ukungatholi abantwana. Umcwaningi ubhekisisa kakhulu imbangela yobunyumba noma yokungazali. Le nkinga ayiqali njengoba sekuganwene kodwa iba imbangela yokuphambanisa amasiko noma yokungawanaki amasiko. Amasiko awaqalwa ngoba umntwana esekhulile kodwa umntwana ukhuliswa ngawo ukuze angabi nankinga endleleni. Lolu cwaningo luzoba usizo kubantu asebekhohliwe ukuthi amasiko ayegcinwa kanjani. Lolu cwaningo lungumhlahlandlela. Isahluko sokuqala sikhombisa izinhloso nenkuthazo okukhuthaze umcwaningi ukuba acwaninge ngalesi sihloko, elandela umgudu noma inqubo yamasiko esintu. Lokhu kubonakale kungaba usizo ekunciphiseni ukulahleka kwemishado ngenxa yokungazali, okubangwa ukungawagcini amasiko oMdabu. Isahluko sesibili sikhuluma ngamasiko nemikhuba yamaZulu agcinelwa ukulungiselela ukwenda okunempumelelo. Kubukwa amasiko agcinwayo kusukela intombazana isencane. Kukhulunywa ngamasiko okugonqa nomkhehlo namasiko anjengokucimela nawo anakwa. Miningi nemikhutshana egcinwe kulesi sahluko njengokuqiniswa kwentombi eganayo. Lolu cwaningo lukhuluma ngenyama yokuncamisa. Kubukwa nemvunulo intombi evunula ngayo uma iyogcagca. Kubhekwa amasiko enziwa kungenwa emzini, amasiko enziwa esihlahleni nasesigcawini. Isahluko sesithathu sigxile emasikweni okuganiselana akhuthaza ukuthola abantwana. Kuchazwa nezinkinga ezibangwa ukungazali. Kunezinkinga ezinjengokungathombi, izigulo zocansi, imimoya yamandiki, umoya wendawe, amaphupho kanye nezizwe. Kulolu cwaningo kubukwe nemithi yemitombo. Imimoya esegazini lomuntu idla kuye egazini. Yingakho kufanele alungise igazi lowo muntu onemimoya ngoba imimoya yona iphila kuye, idla egazini likamguli. Isahluko sesine sona sicwaninga ngamasiko nemikhuba ehambisana nokubeletha. Kulesi sahluko kucwaningwa ngokubamba nokungabambi isisu kukamakoti. Kutholakala ukuthi okunye ukungabambi kuke kwenziwe ukufuya izinyoka notikoloshe. Lokho okungumkhuba ovamile kakhulu ukwenziwa abesifazane. Kubukwe nemikhuba eyenziwa okhulelwe ukuze kuhleleke kahle isisu. Kucwaningwe nangezinhlobo zezihlambezo. Kucwaningwe nangokuziphatha kwansuku zonke kukamakoti okhulelwe. Kucwaningwe nangezinto angazenza nezinto angeze azenza okhulelweyo njengokuvuka ekuseni kusempondo zankomo, akwenziwa funa ahlangane nemimoya emibi egcwele ezindlelni. Kuke kwenzeke isisu siphuphume ngezizathu ezithile. Ucwaningo luthole nokuthi kwenziwanjani ukwenza izaba zokumisa isisu esesiphuphuma. Lolu cwaningo luthole nokuthi zaba zini ezenziwayo uma ukubeletha kubanzima. Kulolu cwaningo kucwaningwe nangezinsila zokubeletha, amagazi nomzanyana. Kucwaningiwe futhi ngezinyamazane ashunqiselwa ngazo umntwana. Kucwaningwe nangendlela yokuziphatha komdlezana. Isahluko sesihlanu sibhekisise imimoya emibi ehlasela abantwana. Kucwaningwe ukuthi iyini imimoya? Ivelaphi? Inangozi yini kubantwana? Abantwana bangavikelwa kanjani kuleyo ngozi? Kunemithi yokuxosha imimoya. Izinyamazane, isiqunga, umashwilishwili, indalucwatha kanye nempila. Kuye kwacwaningwa namasiko agcinwayo uma umdlezana kade emshiyile umntanakhe. Kuye kwacwaningwa ngemikhuhlane yabantwana nangendlela yokuyikhuza. Isahluko sesithupha siveza isihlaziyo lapho kuhlaziywa khona ucwaningo lo msebenzi wonke. Kuvezwa nezincomo ezingalandelwa ukuvula amehlo omphakathi ukuze usizakale ezinkingeni zawo. Izincomo zikhuthaza kakhulu umuzi oNsundu ukuba unamathele emagugwini awo okuyindlela yokulandela amasiko nenkolo yoMdabu ukuze kuthi noma beqhuba ngendlela yesilungu kodwa bangakulahli okwakubo okuyindlela yawokhokho babo. Kube sekuphethwa wonke umsebenzi.

Page generated in 0.0543 seconds