Spelling suggestions: "subject:"hand caming"" "subject:"hand blaming""
1 |
Ucwaningo olunzulu ngokuqanjwa kwamagama ezigodi KwaZulu-Natal endaweni yaseMlalazi, KwesakwaMpungoseKhuzwayo, Pertunia Happy January 2012 (has links)
Submitted to the Faculty of Arts in fulfilment of the requirements for the Degree of Master of Arts in the Department of African Languages at the University of Zululand, South Africa, 2012. / Umhlaba uwonke unezindawo ezinamagama ezaziwa ngazo, kanjalo nezigodi
zinamagama umphakathi waqamba unganakile ukuthi usebesebenzisa ubuhlakani.
La magama ezigodi aqanjwe elandela ubuchule obabungafundelwe phansi. Lobu
buchule besekwa nawumlando wamagama uqobo. Lobu buchule ekuqanjweni
kwamagama kwalo mphakathi ngokuhamba kwesikhathi yibona ovikela
ukushabalala komlando, ukudidaniswa kwamagama ezigodi zawo, imibango
nokuphikisana ngala magama okungahamba kuvele.
Isahluko sokuqala siqukethe konke umcwaningi ahlose ukukwenza
ocwaningweni lwakhe olumayelana nokuqanjwa kwamagama ezigodi
zakwaMpungose endaweni yaseMlalazi. Umcwaningi kulesi sahluko ubeke
kabanzi ngomlando wozalo lwakwaMpungose, izinhloso zokwenziwa
kocwaningo, ukubaluleka kokwenziwa kocwaningo, imibono yababhali
nenjulalwazi mayelana nokuqanjwa kwamagama ezindawo kanye nentshisekelo
yokuqalwa kwalolu cwaningo. Ubuye waphawula ngalabo abayohlomula
ngobukhona balolu cwaningo.
|
Page generated in 0.068 seconds