• Refine Query
  • Source
  • Publication year
  • to
  • Language
  • 1
  • Tagged with
  • 1
  • 1
  • 1
  • 1
  • 1
  • 1
  • About
  • The Global ETD Search service is a free service for researchers to find electronic theses and dissertations. This service is provided by the Networked Digital Library of Theses and Dissertations.
    Our metadata is collected from universities around the world. If you manage a university/consortium/country archive and want to be added, details can be found on the NDLTD website.
1

Injula yesiko lokwelusa esizweni samaZulu kanye nokuthuthukisa kwalo ulimi lwesiZulu

Mthembu, Magwegwe Zeblon January 2009 (has links)
Lwethulwa ukufeza izidingo zeziqu zobudokotela Emnyangweni wezilimi zabomdabu Nyunivesithi yakwaZulu = Submitted in fulfilment for the requerements of the degree of Doctor of Philosophy in the department of African Languages at the University of Zululand, 2009. / Lolu cwaningo luveza injula yesiko lokwelusa esizweni sakithi kwaMthaniya nendlela elithuthukisa ngalo ulimi lwakithi. Lubheka ukubaluleka kwemfuyo ngokwezinga layo lunyuke njalo lubheka imfundiso nolwazi olutholakala lapho kanye nemidlalo etholakala khona ekwaluseni. Isahluko sokuqala sethula ucwaningo nenhloso yalo. Kuvezwa umklamo wocwaningo nendlela ezosetshenziswa ngenkathi kuqwalwa le ntaba. Kwendlalwa kafuphi ngokubaluleka kwaleli siko nemibono yongoti ngaleli siko. Isahluko sesibili sibheka iqhaza elibanjwa imfuyo ezimpilweni zethu kusukela ezinkukhwini, amakati, izinja, izimvu nezimbuzi kuze kuyoshaya ezinkomeni. Kubhekwa imisebenzi enhlobonhlobo eyenziwa ngemfuyo. Isahluko sesithathu sibheka amazinga okwelusa kusukela umfana esemncane elusa izinkukhu akhule aye ezimbuzini aphumele endle aluse amathole aze agogode ngokwelusa izinkomo. Kuzobhekwa ukukhula komqondo kulelo nalelo zinga elusa kulo. Isahluko sesine sibheka kabanzi imfundiso etholakala ekwaluseni njnegokufunda ulwazi lwemibala yezinkomo, ukwazi ukuqagula nokubona isimo sezulu, ulwazi olunzulu lokwazi izinhlobonhlobo zezihlahla, izilwane, izinyoka, amakhambi emfuyo, ulwazi lokweshela kanye nenhlonipho efundwa khona ekwaluseni. Isahluko sesihlanu sibheka imidlalo enhlobonhlobo edlalwa abafana ngenkathi belusile neqhaza elibanjwa yilowo nalowo mdlalo ekucijeni umqondo womfana. Sibheka imidlalo efana nokungcweka, ukuqhathana, ukudla iphaphu, ukubhukuda, ukuzingela, ukuciba insema neminye. Isahluko sesithupha sesithi khumu, amajoka siwabeke ethala bese sihlaziya sicubungule lonke ucwaningo siveze nezincomo ezisuselwa emiphumelweni yocwaningo. Ekugcineni kuphethwa wonke umsebenzi.

Page generated in 0.1216 seconds