• Refine Query
  • Source
  • Publication year
  • to
  • Language
  • 1
  • 1
  • Tagged with
  • 2
  • 2
  • 2
  • 1
  • 1
  • 1
  • About
  • The Global ETD Search service is a free service for researchers to find electronic theses and dissertations. This service is provided by the Networked Digital Library of Theses and Dissertations.
    Our metadata is collected from universities around the world. If you manage a university/consortium/country archive and want to be added, details can be found on the NDLTD website.
1

Zindaba zakho mngoma: ingonyuluka

Mdlalose, Busowakhe Jethro January 2009 (has links)
Submitted to the Faculty of Arts in fulfillment of the requirements for the degree of MASTER OF ARTS in the Department of African Languages at the University of Zululand, South Africa, 2009. / Lolu cwaningo luyimizamo enzulu yokuthola izimbangela zokungenwa yidlozi. Ekucwaningeni ngalesi. sihloko kuye kwavela ukuthi liyini-ke lona idlozi. Kuze kwabhekwa nezimpawu zomuntu ongenwa yilo idlozi leli. Lokhu kuzosiza kuvule amehlo omphakathi ukuba wazi, ususela kulezi zimpawu ukuthi luhlobo luni lokugula okuphethe umuntu ogulayo. Maningi amaphupho aphushwa abantu kodwa lolu cwaningo lukwazile ukwehlukanisa amaphupho awuphawu lokungenwa yidlozi emaphusheni ajwayelekile. Umuntu ongenwa yidlozi ugula ngezifo eziningi elashwa ngemithi yezinyanga kodwa kubenhlanga zimuka nomoya. Lo moya wedlozi kuyatholakala ukuthi awuhambi wodwa kodwa uhamba namandawe namandiki. Lolu cwaningo lube nokulandelela lufuna iqiniso ngale mimoya yamandiki namandawe. Kutholakale nemithi yokuyehlisa le mimoya ewubulawu obumhlophe. Kucwaningwe nangendlela aphehlwa ngayo amagobongo okuyibhamisa le mimoya. Isahluko sokuqala sicacisa kuthi bha izinhloso zalolu cwaningo. Kulezi zinhloso kuvela nenkuthazo ekhuthaze umcwaningi ukuba acwaninge ngalesi sihloko. Ubekwenza elandela ukusuka nokuhlala kwamasiko alandelwayo uma umuntu engenwa yidlozi. Kuso lesi sahluko kuyacaciswa ukuthi liyini lona idlozi, kubukwa nemininingwane elandelwayo ekuthwasiseni umuntu. Kulesi sahluko kubhekwa nendima okuzohanjwa kuyo eyimingcele yocwaningo. Lokho kusiza ukuthi lo msebenzi ungahambi umathanda kodwa uqoqeke. Isahluko sesibili yisona esesingena shi emsebenzini ozokwenziwa. Kulesi sahluko kubukwa eduze ukungenwa umoya wedlozi futhi kubhekwa nezinhlobo zamadlozi angangena umuntu. Yingani la madlozi eqoka lo muntu amqokayo? Asuke eqondeni ngalokhu kumkhetha? Uphawu olugqamile lokungenwa yidlozi ukugufa. Zifo zini ezitholakala kumuntu ongenwa yidlozi? Mizamo mini ezanywa abantu basekhaya ukumsiza lo muntu wabo? Esahlukweni sesithathu ucwaningo lungena kwinkanankana yokuqhuma kwedlozi. Lokhu kuqhuma kwedlozi kuthiwa ukubhoboka ngolimi lobungoma. Umuntu ongenwe yidlozi ugula kakhulu, ulala phansi agulele ukufa. Ulashwa ngayo yonke imithi kodwa angasindi. Mhla kubhoboka idlozi ufikelwa yithongo lakhe elimfiindisa amaculo obungoma, okuthi kungazelelwe phakathi kobusuku ngokuvama ahayize, ahlabelele, asine. Uvuka noma ngabe ubegula kangakanani aye esangomeni esithwasisayo. Ucwaningo lubuke lo mngoma omusha efika esangomeni esithwasisayo nokwelashwa kwakhe. Kulolu cwaningo kubhekwe ubulawu bamathwasa nemibhemiso. Lapha-esigodlweni amathwasa afimdiswa ukugida. Kucwaningwe ngokubhuda ngebomvu nokunqwambisa. Kucwaningwe ngezinyongo, iziphandla kanye nezinye zezimbuzi. Kulesi sahluko kucwaningwe nangemicimbi yokuhlanganisa idlozi. Kuyatholakala ukuthi umuntu akangenwa yidlozi elilodwa kodwa kokunye ungenwa yidlozi lakubo nelasekhaya konina. Onke la madlozi kufanele ahlanganiswe ukuze angalwi wodwa egazini likathwasa. Kulolu cwaningo kutholakale nokuthi izangoma azidli konke ukudla kodwa zinokudla ezikuzilayo ngezizathu. Ephehlelweni kunezinto ezingenziwa izangoma namathwasa. Esahlukweni sesine kucwaningwe ngokuphothulwa nokwamukelwa kwethwasangoma. Kubukwe indlela okumenywa ngayo izangoma emcimbini wokuphothulwa. Kucwaningwe ngodwendwe Iwezangoma ukuphuma kwakhe esangomeni esithwasisayo kuyiwa kubo lapho sizalwa khona. Kubhekwe indlela esamukelwa ngayo isangoma nakhona ekhaya lapho usaqhubeka umcimbi wokulifihlela ithwasa. Lithi lingayithola into ebifihliwe bathokoze abasekhaya, kucwaningwe nangomgidi wesangoma esisha. Kubhekwe nokwabiwa kwenyama nokubusa ngotshwala. Esahlukweni sesihlanu kube sekucwaningwa ngokubhula. Kubhekwe izinhlobo zokubhula. Kukhona ukubhula ngekhanda nokubhula ngamathambo. Lapha ekubhuleni ngekhanda ababhuli bayafundiswa ukuba bathi, "Yizwa! Yizwa!" Uma isangoma sishaya emhlolweni. Kubukwe izinto ezenziwa isangoma uma sizoqala umbhulo. Kukhona nezangoma ezibhula ngamathambo ezilwane zasendle. Kunolwazi olufundiswa izangoma ukuze zikwazi ukuhumusha amathambo zize zihumushe nokuma kwawo, kube seziyayilandela indaba ziyisusela emathanjeni ezilwane zasendle. Kulolu cwaningo kubuye kwabukwa indlela esethwasa ngayo isangoma esesethwasa. Abalozi bangena isangoma esesethwasa kudala kodwa esesiqala phansi sesiyothwasela abalozi. Siyahamba siye esizibeni abalozi basingenise emanzini. Mhla siphumayo siphuma sesicake ngomcako omhlophe sesithandelwe yinhlwathi yasemanzini esuke ithonywe yiwo amadlozi. Uma lesi sangoma sifika ekhaya, siyayibulala Ie nhlwathi senze ngesikhumba sayo iminqwambo neziphandla Lesi sangoma yisona esinemvume yokuba singenza umhlahlo. Lona umbhulo omkhulu omenywa iNkosi kuphela Asikhulumi isangoma. esinabalozi kodwa kuba yibo abakhuluma ngamazwi asamilozi, isangoma sona sihumushele ababhuli. Kokunye bayakhuluma kuzwakale kungadingi namhumushi uma benze njalo kuthiwa baphaphile. Abalozi bahlala phezulu ezintingweni. Bayahamba babuye babuye. Uma bezofika bahlinzekwa ngotshwala. Esahlnkweni sesithupha kucwaningwe ngeqhaza elibanjwe yilolu cwaningo ekuthuthukiseni ulimi IwesiZulu. Amadlozi angabantu abahlonishwa kakhulu, babizwa ngokuthi bangaMakhosi. Banamagama emithi yabo bayehlukanisa emagameni aziwayo, lokho okwandisa amagama emithi anothisa ulimi. Umuthi uwodwa uze ubizwe ngamagama amabili, lokho okuyiqhaza elibonakalayo lokuthuthukisa ulimi. Kunamagama ezinto zemvunulo angeke atholakale ndawo ngaphandle kwasebungomeni. Nakho lokho kuyalunothisa ulimi IwesiZulu. Esahlukweni sesikhombisa kuhlaziywa ucwaningo jikelele, kwenziwa izincomo ebese kuqoqwa lonke ucwaningo.
2

A critical study of contemporary practice of Ulululation (ukukikiza) and its current values among the Zulus

Sikhosana, Eugenia Lindiwe Zamandelu January 2002 (has links)
Submitted in accordance with the requirement for the degree Doctor of Philosophy in the Department of IsiZulu Namagugu at the University of Zululand, 2002. / Ululation is a folklore practise that is performed all over the world. In Europe for instance it signifies cries of pain. Among Arabic peoples it indicates an expression of joy. In Africa the practice of ululation is common in most cultures. It is common in most cultures of the South African people too. Ululation is gender specific in the sense that solely women perform it. During ululation spontaneous and shriek sounds are produced by women who act like they are possessed by evil spirits. People who do not come from ululating cultures do not understand ululation. They see nothing but disruption when people ululate. Hence white priests in churches discouraged it. The reason was that they thought it to be chaotic.

Page generated in 0.0989 seconds