• Refine Query
  • Source
  • Publication year
  • to
  • Language
  • 2
  • Tagged with
  • 2
  • 2
  • 2
  • 1
  • 1
  • 1
  • 1
  • 1
  • About
  • The Global ETD Search service is a free service for researchers to find electronic theses and dissertations. This service is provided by the Networked Digital Library of Theses and Dissertations.
    Our metadata is collected from universities around the world. If you manage a university/consortium/country archive and want to be added, details can be found on the NDLTD website.
1

Ukukhula komfana esizweni samaZulu

Mthembu, Magwegwe Zeblon January 2006 (has links)
Submitted in partial requirements for the degree of Master of Arts in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2006. / Lolu cwaningo lucubungula indlela umfana akhuliswa ngayo esizweni samaZulu nokubaluleka kwakhe. Lubheka imikhutshana eyenziwa kusukela ezalwa ekhula aze eluse, esenga, ebophela, ebuthwa aze abe insizwa lapho eseqomisa. Isahluko sokuqala sizokwethula ucwaningo nenhloso yalo. Kuzovezwa umklamo wocwaningo nendlela ezosetshenziswa ngenkathi kubhekenwe nalo mshikashika. Kuzokwenekwa umlando omfishane ngendlela umfana akhuliswa ngayo esizweni sikaMalandela. Isahluko sesibili sizobheka kabanzi imikhutshana namasiko enziwa mhlazane kuzelwe umntwana womfana. Kuzobhekwa amakhambi agezwa ngawo nezinyamazane ashunqiselwa ngazo. Ukubaluleka kokugcotshwa ngebomvu nakho kuzobhekwa ngeso lokhozi. Luzobheka ngokubanzi umkhutshana wokuklekla, ukuphehla, ukusokwa luze lumgojele lapho esekhula. Isahluko sesithathu sizogxila lapho umfana eselusa noqeqesho aluthola khona. Sizomqala phansi lapho esalusa izinkukhu, sinyuke naye eselusa izimbuzi, aye emvemveni, emankonyaneni, amathole aze afike ezinkomeni. Izifundo ezitholakala ekwaluseni njengolwazi lwezilwane, izinyoni nemithi nakho kuzenhlobonhlobo etholakala ekwaluseni ukungcweka, ukudla iphaphu, nokuciba insema. esebuthwa nalapho eseba udibi. njengokubhukuda, Sizombheka lapho Isahluko sesine sizocubungula uqeqesho umfana aluthola ekhaya. Lapho kuzobhekwa ukusenga, ukuhlinza, ukuhlahlela, ukubophela izinkabi, nokudipha. Indlela yokuvunula sizoyifakela iso lapho ezofundiswa khona ukusika amabheshu nezinene. Ukugawula izintingo umfana efundiswa ukwakha isibaya nakho kuzovezwa. Isahluko sesihlanu sizogxila lapho umfana esengene ebunsizweni, eseqomisa. Sizobheka izingqinamba nemikhutshana ephathelene nokuqomisa. Amakhambi asetshenziswayo ukuze insizwa ibe nogazi ezintombini njengobulawu nakho kuzofakelwa iso. Eminye imikhutshana eyenziwayo ukuzuza intombi njengokunqunda izimbangi ukuyiphonsa, ukuyithwala, ukukhuzela neminye nakho kuzocutshungulwa. Umkhosi wokubonga indaba nawo ngeke wabukelwa phansi. Isahluko sesithupha sizobe sesiyiphothula le mbenge bese sihlaziya lonke ucwaningo siveze namakhambi (izincomo). Imidlalo
2

Ukukhuthazwa kolwazi lwesintu, amasiko, izinkolelo nemikhutshana yesizwe samaZulu neqhaza okungalibamba ekugwemeni izifo ezithathelwana ngocansi, ikakhulukazi igciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo lwayo

Khuzwayo, Bonginkosi Cyprian January 2002 (has links)
Submitted in partial requirements for the degree of Doctor of Philosophy in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2002. / Lolu cwaningo lucubungula ulwazi lwesintu, amasiko, izinkolelo nemikhutshana yesizwe samaZulu neqhaza okungalibamba ekugwemeni izifo ezithathelwana ngokocansi, ikakhulukazi igciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo lwayo. Luzama ukuthola ukuthi qhaza lini elingabanjwa umphakathi ekulweni nalesi sifo esesibhubhise izwe kangaka. Lucubungula izindlela zesintu ezazisetshenziswa ngempumelelo, esikhathini sakudala, ukunqanda izifo ezithathelwana ngokocansi. Luzama ukuthola ukuthi lezo zindlela ngeke yml zakhuthazwa ukuba zisetshenziswe esikhathini sanamuhla njengesikhali okungaliwa ngaso nalesi sifo esesiqede isizwe Lucubungula iqhaza elingabanjwa amasiko afana nokusokwa kwabesilisa nabesifazane, ukugwetshwa kwabesilisa nabesifazane, ukuhlolwa kwezintombi nezinsizwa, ukuthomba, ukusoma, ukuyobisa, umemulo, irnikhosi efana nomkhosi kaNomkhubulwane, umkhosi womhlanga, kanye neqhaza elingabanjwa amabandla ehlukene ekulweni nokusabalala kwegciwane lesandulela ngculazi, ingculazi uqobo lwayo, ezinye izifo ezithathelwana ngokocansi, ukukhulelwa kwentsha isikhathi singakafiki kanye nokufundiswa kwentsha ngokuziphatha ngenhlanzeko.

Page generated in 0.1202 seconds