Return to search

Ucwaningo olunzulu ngokuzilela ukufa, ukugonqa nokugoya esiZulwini / deep research on abstinence during death seclusion and reclusion in IsiZulu

Thesis submitted in partial fulfilment of the requirements for the Degree of Doctor of Philosophy in African Languages in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2017. / Lolu cwaningo lunezahluko eziyisithupha:
Isahluko sokuqala siyisethulo socwaningo. Sehlukaniswe izigatshana eziyisishiyagalombili.
Isingeniso sethula amasiko esiZulu nendlela axoveke ngayo.
Kunempikiswano nokungaboni ngaso linye esizweni ngamasiko.
Phakathi kwalawo masiko okuphikiswana ngawo kuyabalwa nokuzila.
Izimbangela zokulahleka kwamasiko ziningi. Enye yazo ukuncikana
kwamaZulu nezinye izizwe. Enye yazo ukubuswa ngezinye izizwe
ezinezinhloso ezishayisana nezesizwe samaZulu.
Intshisekelo yocwaningo yadalwa ukuba umcwaningi athole ukuthi
amasiko aphathelene nokuzila agcinwa ngezindlela ezahlukene. Kwenye
inkathi lezi zindlela ziyashayisana. Inhloso enkulu ngalolu cwaningo
ukuhlola ukuthi ukuzila kuyisiko noma umkhuba nje. Enye inhloso
ukwethulela umphakathi imvulamehlo ngamasiko, ikakhulukazi
awokuzila.
Umklamo wocwaningo umayelana namasiko lapho kuzilwa khona.
Kuphawuliwe ngokuzilela ukufa ngaphambi nangemuva komngcwabo.
Ibaluliwe imigonqo ngokwahlukana kwayo. Ucwaningo lwenziwe
ikakhulukazi eMbumbulu. Lokho akumvimbanga nokho umcwaningi
ukuba aye nakwezinye izindawo. Ukuzila yisiko lesizwe sonke ngakhoke
umklamo ngokwendawo yokuqhuba ucwaningo uvulekile.
Isahluko sesibili sehlukaniseke iminxa emibili emikhulu. Kuchazwe amagama asetshenziswe
ocwaningweni. Kufakwane umlomo nawongoti abehlukene. Kukhulunywe
nawongoti abanolwazi lwasesikoleni ngobugugu namasiko. Abanye babo
bafundisa kwaNgqondonkulu. Iningi labo lifundisa isiZulu nobugugu.
Kuthintwe ongoti abathintana ngqo nokuzila. Izinyanga nezangoma
zinolwazi oluthe thuthu ngemigonqo nokunye okwenziwa ngamathwasa.
Kuthintwe ngisho abaholi bamabandla. Isizathu esimqoka salaba baholi
ukuthi amakholwa angamaKhristu ayabaleka ekuphikeni amasiko.
vi
Isahluko sesithathu sicacisa ngezindlela zokuqhuba ucwaningo. Kumele kucace ukuthi
umcwaningi uluthola kanjani ulwazi. Usebenzise izincwadi azithola
emitapweni yezincwadi. Ufunde amaphephandaba. Ulalele imisakazo.
Ubuke umabonakude. Ufunde imiqulu yabanye abacwaningi
asebecwaningile ngamasiko esiZulu. Kubhekwe nezinsizakuhlaziya
ezintathu ezihambisana nokuzila esiZulwini.
Isahluko sesine singokuzilela isifo. Kukhulunywe ngokukhala lapho kufiwe. Ukuhambelana
lapho kufiwe kwenzeka kusaphalalwe umkhosi ngesifo, kwenzeke
nasemuva komngcwabo. Ukuzila kwehlukene ngemikhakha. Kuyenzeka
kuqalwe kusagulwa. Kuyashiyana ukuzila kwamalungu omndeni.
Abafelokazi bazila isikhathi eside kunawo wonke amalungu omndeni.
Amadoda avamise ukuzila ngenhliziyo. Esinye sezizathu zokuzila kwawo
ngenhliziyo ukuba nesithembu. Umnumzane onesithembu akakwazi
ukuzilela lo oshonile bebe besaphila abanye.
Isahluko sesihlanu sididiyele ukugonqa nokugoya. Kwehlukanisiwe ukugonqa nokugoya.
Ukugoya kwenziwa umalokazane emveni kokuchanguza emzini.
Ukugonqa imikhuleko lapho kuthonjiswa khona izingane, kwemuliswa,
ngomncamo nangomkhehlo. Umgonqo othe ukwehluka
ngowamathwasa. Ukugonqa okuningi kulapho kukhuliswa khona
izingane. Zigonqa kakhulu nakaningana izingane ezingamantombazane
kunezingabafana. Isizathu salokhu ukuthi umuntu wesifazane nguyena
oqiniswayo. Uneqhaza elikhulu emasikweni esiZulu. Yibona abesifazane
abalinda isidumbu ubusuku nemini. Banenimba nesineke sokukhulisa
izingane. Banesineke sokweluleka izingane ngakho-ke kumele
bawulungele lo msebenzi wokwakha isizwe. Yibona abesifazane
abathwala izingane izinyanga eziyisishiyagalolunye.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/1850
Date January 2017
CreatorsMakhoba, Khenani Lloyd, Ntuli, S.L.
PublisherUniversity of Zululand
Source SetsSouth African National ETD Portal
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0023 seconds