Return to search

Ucwaningo olunzulu ngokuqanjwa kwabalingiswa nezindawo kanye nemithelela yakho emibhalweni yesiZulu

Submitted in partial fullfilment for the requirements of the degree of Doctor of Philosophy in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2002. / Ngalolu cwaningo kuhloswe ukweneka obala ukuqanjwa kwabalingiswa
nezindawo nemithelela yakho emibhalweni yesiZulu.
Isahluko sokuqala siveza ubumqoka bocwaningo kanye nomklamo
wocwaningo.
Isahluko sesibili siveza izincazelo zamagama abalingiswa ezahlukene,
ukuqamba amagama, okubhaliwe ngocwaningo, imihlahlandlela (theories)
ngokuqanjwa kwamagama, amagama aqanjwa esuselwa kuphi? Kanye
nokubaluleka kwamagama
Isahluko sesithathu sigxile kakhulu ekuqanjweni kwamagama ngokwenkathi:
inkathi yasendulo, inkathi emaphakathi kanye nenkathi yamanje.
Isahluko sesine siveza ukuqanjwa kwamagama ngokwendawo: indawo
yasemakhaya, indawo yasedolobheni kanye nendawo exubile.
Isahluko sesihlanu siqukethe isihlaziyo, iqoqa kanye nesiphetho..

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/262
Date January 2002
CreatorsHadebe, Zandile Priscilla.
ContributorsMathenjwa, L.F.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0024 seconds