Return to search

Ingonyuluka Ngempicabadala Yempi YaseNtibane

Submitted in partial fulfilment of the requirements for the Degree Master of Arts in the Department of African Languages in the Faculty of Arts at the University of Zululand, South Africa, 2001. / Lolu cwarnngo lucubungula impicabadala ngempi yaseNtibane. Kunernibuzo enusa
ikhanda mayelana nokwehlulwa kwempi kaZulu ngesikhathi uZulu ebhekene ngeziqu
zamehlo namaBhunu ngonyaka ka-1838. Lolu cwaningo luzama ukuthola ukuthi yini
ngempela eyenzeka ngalolu suku lena eyabangela ukunqotshwa kukaZulu empini
yaseNtibane? Kungabe amasu okulwa ajwayelekile akawasebenzisanga uNdlela?
Kungabe kuyiqiniso ukuthi uZulu owasala kule mpi ubalelwa ezinkulungwaneni
ezintathu? Kungabe kuyiqiniso uJ...'Uthi umfula waze waphenduka igazi? Vma kuyiqiniso,
kungabe elikaZulu kuphela igazi elaphalala? Lena ngeminye yemibuzo okudingeka
iphenduleke. Lolu cwaningo luzama ukuthola izimpendulo zale mibuzo kanye neminye
ezohambe ivela
Kubhekisiswa izindlela ezazisetshenziswa uZulu uma ebutha amabutho, ukwethiwa
igama kwebutho, ukwabiwa kwezihlangu ngokwemibala enhlobonhlobo, imvunulo
yamabutho, ukuma kwempi kaZulu jikelele, izindlela zokuhlasela kanye nempicabadala
ngempi yaseNtibane. Kuyobhekisiswa imihlobiso eyiiigqizo zokunonophala kolimi kulo
msebenzi. Lokhu Imyaphuthuma ukuba kwenziwe ngoba kosiza kakhulu isizwe
kakhulukazi oSomlando, oSomafa kaZulu, izizukulwane ngezizulmlwane, izivakashi
kanye nalabo abasekhaleni lokweluleka abavakashi ikakhulu kwelakwaMthaniya.
Lolu cwaningo lunezahluko eziyisihlanu.
Isahluko sokugala "isingeniso socwaningo". Amagama asetshenzisiwe kulo rnqulu
azohlaziywa kahle ukuze ingqikithi yalokho akushoyo icace. Sibuka izinhloso
nentshisekelo yomsebenzi jikelele. Kukhonjwa indlela yokuqhuba ucwaningo kanye
nemidiyo yalo.
Isahluko sesibili siqondene "nokurna kwempi kaZulu", ukubutha, izihlangu, imvunulo
kanye namanoni olirni avela kulokhu.

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/872
Date January 2001
CreatorsKhuzwayo, Bonginkosi Cyprian
ContributorsKhumalo, Z.L.M.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.002 seconds