Return to search

Ukubaluleka kwenhlanzeko ekuphathweni komsebenzi wabadala: The importance of ritual purity in ancestoral ceremonial performance

Submitted in partial requirements for the degree of Doctor of Philosophy in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2002. / Ukubaluleka kwenhlanzeko ekuphathweni komsebenzi wabadala wucwaningo
olumpande zalo ziphuza emajukujukwini empilo yomuntu ongum-Afrika nesiko
lakhe kanjalo futhi zibe zilunguza esikweni lomZulu phaqa. Ukulondolozwa
kwamasiko omdabu yiwona mthambo ongumnyoluka wempilo noyinjulalwazi
ngemvelaphi yomuntu nomuntu njengoba edaliwe wabekwa echosheni elithile
lomhlaba ngoPhezukonke.
Ukugudluka kwezinsika zokugcinwa kwamasiko omdabu ikakhulukazi
ukubukelwa phansi kwephuzu lenhlanzeko lapho kuphathwa imisebenzi
yasebalala yikhona kanye okususe usinga lokuba kwenziwe lolu cwaningo.
Sekuhambe ibanga ukugcinwa kwamasiko kodwa le ngxenye yesiko
ibinganakiwe ngokungako.
Lolu cwaningo luyimizamo yokubuka ngeso elijulile ukubaluleka kwezinsika
zokugcinwa ngokuyikho amasiko eSintu ngoba aphethe injulalwazi yempilo
yomuntu emenza ehluke kwabanye kanjalo nomlando wakhe. Lolu cwaningo
ngumkhombandlela ekugcinweni ngokuyikho komsebenzi wabadala ngenhloso
yokuphephisa leyo nzika esasele njengoba izivunguvungu zokushabalalisa
amasiko omdabu zilwa impi yansukuzonke.
Esokuqala isahluko sethula indikimba ngalokho ucwaningo oluphokophelele
ukukuhlaziya. Ngaphezu kwalokhu, isahluko siphinde siveze lokho okube yilahle
eliyimbeleselane elisuse ugqozi lokuhlwaya ngalesi sihloko. Kuyavela futhi
ukuthi lolu cwaningo lunemincele ngenxa yokuba ngudedangendlale kwesihloko
salo yingakho nje lona lucubungule esingakubiza ngokuthi yiwona mongo walesi
sihloko, inhlanzeko. Esokugcina sona siqoqa amaphuzu adingidiwe ngenhloso yokuphetha imbenge kanjalo nokuveza iZlncomo okungathi ngokulandelwa
kwazo ngokuyalela kocwaningo kube khona izinguquko endleleni isiko elibukwa
ngayo kanjalo nasendleleni abantu abagcina ngayo imisebenzi yabakubo
asebalala.
Indikimba yalolu cwaningo yona yakhiwa yizahluko eziyisithupha ezidingida
izigaba zokukhula komuntu kusuka ezalwa, egana I eganwa kuze kube wendela
koyisemkhulu. Isahluko sesibili siyinjulalwazi ngenkolo yomdabu ikakhulukazi
kugxilwa kwinhlanzeko efundiswa abantwana lapho befika kulo mhlaba bese leyo
mfundiso beyigwinya, bayiphile nokuyikona okubalungiselela ikusasa elifika
nezingqinamba zalo.
Isahluko sesithathu sona sibuka ukugcinwa kwamasiko endabuko ikakhulukazi
lawo agcinelwa abantwana besebancane kuze kuyofika lapho bethomba khona.
Ukubaluleka kwawo kanjalo nophawu oluhambisana nawo yikona
olugcizelelweyo. Inhloso kuseyiyona leyo yokubuka ngeso elinzulu iphuzu
lenhlanzeko njengesinongo-esingugo ekuphumeleliseni la masiko kanjalo'
nokwedlulisela ngempumelelo umntwana emabangeni ahlukahlukene.
Isahluko sesine sona sibheka umemulo nenhlanzeko egcizelelwa yileli siko. Lesi
sahluko sibheka ubuntombi nto njengesizathu sokugcinelwa leli siko. Uphawu
ngezinto ezisetshenziswayo lukhuluma buthule nezethameli kuleli siko. Lesi
sahluko sandulela futhi sishanela amabala aleso sokuganana leso okuxoxwe
ngaso kwisahluko sesihlanu. Ubumsulwa bentombi I bensizwa yibona
obudlulisela ngesinono umuntu kuleli banga. Umlobokazi ukufakazela ngokufaka
imvakazi lobu bumsula ngosuku lodwendwe.
Isahluko sesithupha sibheka ibanga esingalibiza ngebanga eliyisiphetho sempilo
yomuntu yakwamhlaba izinga lokufa. Lesi sahluko sicubungula injululwazi
ngokufa qobo kanjalo namabanga ahanjwa ngumphefumulo womuntu, uhlanzwa ngemisebenzi egcinwayo enhlobonhlobo ukuze ubuye uzongena ebudlozini
bekhaya.
Isahluko sesikhombisa sibuka izinguquko ezikhona ekugcinweni kwawo wonke la
masiko okuxoxwe ngawo ezahlukweni ezidlule. Izizathu ezidala izinguquko
ekugcinweni kwala masiko zibekwe obala. Kuphawuliwe futhi kulesi sahluko
ngobunjalo bamasiko kanjalo nokuhambelana kwawo nesikhathi okuphilwa kuso.
Ubunjalo bezinguquko bushiyelwe umfundi ukuba kube nguyena owehlulelayo
ngobuhle nobubi bazo. Umcwaningi ushiyele ofundayo ukwahlulela ngobuhle
nobubi bezinguquko zesikhathi emasikweni endabuko.
Isahluko sesishiyagalombili sona siqoqa amaphuzu okuxoxwe ngawo
ezahlukweni ezingaphambi kwaso.Okubalulekile ngalesi sahluko wukuthi sithi
siyiqoqa kanjalo futhi sibe siyinkombandlela yalokho okubukwa ngeso
lomcwaningi ukuthi kungaholela ekugcinweni ngendlela eyamukelekileyo
kwamasiko omdabu. / National Research Foundation (NRF)

Identiferoai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:uzulu/oai:uzspace.unizulu.ac.za:10530/261
Date January 2002
CreatorsBlose, Richman Thulani
ContributorsKhumalo, Z.L.M.
Source SetsSouth African National ETD Portal
LanguageZulu
Detected LanguageUnknown
TypeThesis
Formatapplication/pdf

Page generated in 0.0025 seconds