Back to search

University of Kwazulu-Natal

Ukufundiswa kokubhala olimini lwesingisi kubafundi beziqu zobuthishela enyuvesi esifundazweni saKwaZulu-Natali.

Abstract

dc:description.abstract

Lolu cwaningo lugxile ekutholeni ngezindlela namasu ezisetshenziswa ngothisha ukufundisa ukubhala olimini lwesiNgisi kubafundi beziqu zobuthishela enyuvesi. Lolu cwaningo lwesimo lusebenzise ipharadaymu yomhumusho (interpretive paradigm). Abahlanganyeli abangothisha besiNgisi baqokwa ngendlela yenhloso (purposive sampling). Imininingwane noma ulwazi lwalolu cwaningo lwaqoqwa ngenhlololwazi esakuhleleka, ukuhlala ubukelekanye nokuhlaziya amadokhumenti abafundi. Lolu cwaningo lwenziwe esikhungweni esisodwa esiphakeme iNyuvesi yaKwaZulu Natali. Imiphumela yocwaningo itholakale ngokuhlaziya kusetshenziswa ingxenye eyodwa yenjulalwazi kaKrashen yokutholakala kolimi lwesibili isiHlawumbiselo somthamo wolimi olwengeziwe (Input hypothesis), amatemu kaCummins amazinga okucolisiseka kolimi iBICS (Basic Interpersonal Communication Skills) neCALP (Cognitive Academic Language Proficiency) kanye netemu likaVygotsy leZPD ( Zone of Proximal Development). Imiphumela yocwaningo iveze ukuthi iningi labafundi basenyuvesi abakwazi ukubhala ngendlela ecolisisekile nokuholela ekutheni bafeyile bagcine sebeyeka nesikole. Ngokwezimpendulo zabafundisi kutholakele ukuthi iningi labafundi abazijwayezi ukufunda izincwadi ukuze bathuthukise ulwazimagama kanye nokucosha izindlela zokubhala emibhalweni abayifundayo. Okunye okuvelile lapha ukuthi izindlela namasu ezisetshenziselwa ukucija ikhono lokubhala labafundi basenyuvesi azikhiphi imiphumela egculisayo. Kuvelile ukuthi othisha abafundisa isiNgisi kulesi sikhungo bayazimisela kakhulu ngomsebenzi wabo futhi bazama ngakho konke okusemandleni ukuba basize abafundi babo bazuze ikhono elingcono lokubhala ngesiNgisi. Lokhu kubonakala ngebanga elide (extra mile) abalihambayo ukusiza abafundi babo njengokuziqambela ezabo izindlela zokufundisa ukubhala kubafundi babo. Kuvelile ukuthi othisha bebodwa akukuningi abangakwazi ukukwenza ukulwisana nenkinga yokungakwazi ukubhala kahle ekhungethe abafundi babo enyuvesi uma inyuvesi ingabasekeli ngokwanele. Bavezile-ke othisha abaningi ukuba inyuvesi iyona okumele yakhe ingqalasizinda elungele ukusekela izindlela namasu abawasebenzisayo ukuze kusizakale abafundi.

Author and committee

dc:creator, dc:contributor.*
Author dc:creator
  • Makhathini, Sweetbetter Thembelihle.
Advisor dc:contributor.advisor
  • Ngcobo, Nokukhanya Yvonne.

Subjects

dc:subject × 3

Rights

Language dc:language.iso
other

Identifiers

dc:identifier.*
Repository record dc:identifier.uri
https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/20128

Chain of custody

source
Harvested from
University of Kwazulu-Natal
Base URL
researchspace.ukzn.ac.za/server/oai/request
Last updated
2026-11-27
Source record
OAI-PMH GetRecord
citation

Makhathini, Sweetbetter Thembelihle.. Ukufundiswa kokubhala olimini lwesingisi kubafundi beziqu zobuthishela enyuvesi esifundazweni saKwaZulu-Natali.. 2021. https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/20128