Back to search

University of Kwazulu-Natal

Ukuzibophezela ekuqhakambiseni usikompilo encwadini insumansumane ebhalwe ngu Elliot Zondi.

Abstract

dc:description.abstract

Lolu cwaningo, "Ukuzibophezela ekuqhakambiseni usikompilo encwadini Insumansumane ebhalwe ngu-Elliot Zondi", luhlose ukuveza ukubaluleka kwezingxenye zosikompilo lukaZulu ezitholakala encwadini ebhalwe ngu-Elliot Zondi ethi iNsumansumane. Lolu cwaningo lugqugquzelwe ngukuthi imibhalo eminingi yesiZulu ayibukeki ikhuthaza okungamasiko namagugu esizwe sikaZulu kanti Insumansumane ibukeka izibophezele empilweni yesizwe sikaPhunga noMageba. Lokhu kuvela ezingxenyeni ezithile lapho uZondi ekhuthaza futhi eqhakambisa okungamagugu esizwe sikaZulu, ethi kufanele kugcinwe, kuhlonishwe ngoba kungumgogodla wesizwe. Ukubukezwa kwemibhalo esondelene nalolu cwaningo kuveze ukuthi abahlaziyi abathile banemibono eyahlukene ngomyalezo oqukethwe yiNsumansumane. Lolu cwaningo lubheke yonke lemibono lwase luqhamuka nombono owahlukile. UZondi kwiNsumansumane ulwa nemithetho yamaNgisi elumisa okwembabazane nephambene nenqubo yesizwe samaZulu. Imibhalo efana neNsumansumane iphonsa inselelo kwabanye ababhali besiZulu ukuba babhale bakhuthaze ukugcinwa kwamasiko esizwe sikaZulu. Insumansumane ikhombisa ukuthi ayisiwona nje umbhalo wokuba ufundwe ezikoleni kuphela, kepha nomphakathi kaZulu wonkana ungazuza okuningi okuyisisekelo sobuzwe bukaZulu. UZondi akagcini nje ngokuba aveze izinkinga ezikhungethe isizwe, kepha uveza nekhambi lokuxazulula lezi zinkinga. Insumansumane ingumbhalo ofundisayo nokhuthaza ukwazana nokubekezelelana kwezinhlanga ezakhele leli zwe, ezahlukene ngokwamasiko. Ngaphandle kokuthi Insumansumane iyakhuthaza, iyisibuko sikaZulu lapho izizukulwane ziyokwazi ukuzibuka khona, ziziqhenye ngobuzwe bazo, iphonsa inselelo kwabanye ababhali besiZulu ukuba babhale ngokungananazi bakhuthaze ukugcinwa kwamasiko esizwe sikaZulu. Ngenxa yemigomo yobufishane balolu cwanmgo, yokubheka kuphela ukuzibophezela kweNsumansumane kusikompilo lwezenhlalakahle yesizwe samaZulu, angikwazanga ukubheka eminye imikhakha kulo mdlalo nakweminye imibhalo ezibophezele kusikompilo lukaZulu. Ukwenza isibonelo nje, umbhalo kaMsimang (1975) othi Izulu eladuma eSandlwana, ubukeka ungomunye wemibhalo ezibophezele kusikompilo lwezenhlalakahle kaZulu. Kungaba ukubamba iqhaza elibalulekile ukuba kekucwaningwe kubhekwe ukuthi yiziphi izingxenye zosikompilo lwezenhlalakahle uMsimang aziqhakambisile nokuthi zibaluleke kangakanani esizweni.

Author and committee

dc:creator, dc:contributor.*
Author dc:creator
  • Mathonsi, Sibuselaphi.
Advisors dc:contributor.advisor
  • Mathonsi, Nhlanhla Naphtal.
  • Magwaza, Thenjiwe S. C.

Subjects

dc:subject × 2

Rights

Language dc:language.iso
en_ZA

Identifiers

dc:identifier.*
Handle dc:identifier.uri
https://hdl.handle.net/10413/4606

Chain of custody

source
Harvested from
University of Kwazulu-Natal
Base URL
researchspace.ukzn.ac.za/server/oai/request
Last updated
2026-11-26
Source record
OAI-PMH GetRecord
citation

Mathonsi, Sibuselaphi.. Ukuzibophezela ekuqhakambiseni usikompilo encwadini insumansumane ebhalwe ngu Elliot Zondi.. 2002. https://hdl.handle.net/10413/4606