Spelling suggestions: "subject:"ezifana""
1 |
Keeping up appearances : female correctional officers shaping their work identity in a South African Correctional Centre / Voorgee is my behoud : vorming van ‘n werksidentiteit van vroulike korrektiewe beamptes in ‘n Suid-Afrikaanse korrektiewe sentrum / Ukushaya sengathi konke kuhamba kahle : ojele besifazane babumba isimo-bunjalo sabo somsebenzi esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo saseNingizimu AfrikaPieterse, Tanya 10 1900 (has links)
Text in English with abstracts in English, Afrikaans and isiZulu. Translated titles in Afrikaans and isiZulu supplied / Alarming global crime levels lead to increased incarcerations, resulting in changes in the dynamics of the offender population. Developments that call for urgent progressive reforms of corrections, thereby fast-tracking the employment of female officers. A qualitative study was conducted to explore the lived work experiences of 17 female correctional officers, at Kgoši Mampuru II Management Area in Pretoria, South Africa, to determine how they shape their work identity in this male-dominated sector. An interpretive phenomenological analysis methodology is applied, informed by the Social Identity Theory (SIT) to conceptualise the factors that shape these officers’ work identity. Themes identified include the role of the corrections environment as a social institution, corrections operating as separate communities, and how being different contributes to the distinct attributes of female correctional officers. Emotional labour, vigilance and their uniform also proved significant tools these female officers applied as a means to cope and assert their rightful place in this harsh, strained environment. / Ubugebengu obuphakeme kakhulu emhlabeni sebuholele ekutheni sikhule isibalo seziboshwa emajele, okwenza ukuthi silokhu sidlondlobale njalo isibalo seziboshwa nakuba amajele esegcwele ngokweqile. Izinguquko esimweni sesibalo seziboshwa esikhulayo sezibeke ingcindezi engeziwe phezu kwamahlombe ojele nakuba sebevele bethwele kanzima. Lokhu sekudale isidingo esiphuthumayo sokuthi kwenziwe izinguquko ezinohlonze okuhloswe ngazo ukuphucula nokuthuthukisa isimo, ngokuthi kusheshiwe ukuqashwa kojele besifazane. Lolu cwaningo lwenziwe ngaphansi kwalesi simo-ke ngenhloso yokuhlola nokucubungula impilo ephilwa ngojele besifazane uma besemsebenzini nezigameko zansukuzonke abahlangabezana nazo ukuze kubhekwe ukuthi basibumba futhi basibonakalise kanjani isimo-bunjalo sabo njengabantu ukuze bathathe indawo yabo ngeqholo kulo mkhakha okukhonya kuwona kakhulu abantu besilisa.
Ulwazi locwaningo lwaqoqwa ngokusebenzisa izingxoxo zokubonana ubuso nobuso ezingama-semi-structured interviews ezabanjwa nojele besifazane abayi-17 e-Kgoši Mampuru II Management Area ePitoli, eNingizimu Afrika. Izindlela zocwaningo ezasetshenziswa kwaba yindlela yocwaningo olukhwalithethivu kanye nohlaziyo olubizwa nge-interpretive phenomenological analysis. Ithiyori yokuzihlonza komuntu isimo sakhe emphakathini nokuthi ungubani iveza umbono wokuthi umuntu wakha izimo-bunjalo ezihlukahlukene okuyizimo-bunjalo zakhe uqobo ngaphakathi kanye nezimo-bunjalo afuna ukuziveza ngazo futhi azibonakalise ngazo emphakathini ukuze akwazi ukwenza izinto kahle futhi ngendlela efanele endaweni ethile azithola ekuyona. Izingqikithi eziyinhloko ezahlozwa ngenhloso yokweseka lo mgomo zibandakanya indima yesikhungo okwenzelwa kusona umsebenzi wokuhlunyeleliswa kwezimilo njengesikhungo zomphakathi, isikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo uma sisebenza njengesikhungo somphakathi oseceleni noma ohlukile, kanye nokuthi ukwehluka kwaso kusifaka kanjani isandla ekuvezeni izimo-binjalo ezicacile futhi ezihlukile zojele besifazane. Ikhono labo lokulawula imizwa yabo ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngendlela efanele kanye nokucophelela kwabo kwahlonzwa njengamathuluzi asetshenziswa ngojele besifazane ukuze bakwazi ukumelana nesimo esilukhuni, esishubile futhi esimazonzo abasebenza ngaphansi kwaso. Indima edlalwa ngumfaniswano ekubumbeni isimo-bunjalo sabo emsebenzini nayo yabonisa ingqikithi encikile esemqoka eyahlonzwa ngenkathi kwenziwa uhlaziyo. / Toenemende misdaadsyfers lei globaal tot al hoër getalle oortreders in gevangenskap, wat onvermydelik die dinamiek van dié groeiende populasie verander. Die tendens noodsaak die transformasie van korrektiewe dienste, wat gevolglik die indiensneming van vroulike korrektiewe beamptes bespoedig het. ‘n Kwalitatiewe studie is onderneem met 17 vroulike beamptes te Kgoši Mampuru II Korrektiewe Bestuursarea, Pretoria, Suid-Afrika. ‘n Interpretiewe fenomenologiese analisemetode is toegepas, met die beginsels van die Sosiale Identitieitsteorie as grondslag, om die faktore te konseptualiseer wat bydra tot werksidentiteitvorming van vroue in hierdie manlik gedomineerde sektor. Temas geidentifiseer behels die rol van die korrektiewe omgewing as sosiale instelling, korrektiewe dienste wat funksioneer as afsonderlike gemeenskap, en die besondere bydraes wat die vroulike beampte, juis deur haar uniekheid lewer. Emosionele arbeid, voortdurende waaksaamheid, asook die rol van haar uniform, is verder aangedui as betekenisvolle meganismes wat dié beamptes aanwend in ‘n uitdagende omgewing en so hul regmatige plek inneem in hierdie onkonvensionele werksmilieu. / Psychology / M.A. (Psychology)
|
2 |
A grounded theory of hazing in Gauteng secondary schools / Umqondo wenzululwazi ozinzile wokufikiswa ezikoleni zamabanga aphezulu eGauteng / Teori ya kgoboketso le tshekatsheko ya thupiso dikolong tse di phagamego tsa GautengHuysamer, Carolyn Ann 12 1900 (has links)
Hazing is an ancient, universal practice. In past and modern societies, the need to join a group
is an aspect of our humanity. The process of joining a group frequently includes the need to be
hazed in order to legitimate full membership. This study uses the theoretical frameworks of
Michel Foucault, Pierre Bourdieu’s perspectives of social order, Henri Tajfel and John Turner’s
theory of social identity, and Albert Bandura’s theory of moral disengagement to look at
individuals joining groups. In particular, the study has sought to ascertain why those who haze
are motivated to act. A grounded theory has been developed through interviewing young adults,
who while in positions of leadership as Grade 12 learners in Gauteng schools, planned hazing
activities. The grounded theory shows that hazing while enacted by an individual is not solely
driven by that person, but rather hazing is a means of cultural reproduction. The mechanism
through which hazing occurs focuses on achieving a sense of belonging, conforming to a given
culture and consenting to hazing. The hazer is motivated to pass on aspects of the school’s
culture, namely school traditions, hierarchical structures, means and standards of discipline,
and showing appropriate respect to others. The hazer believes that this can be achieved as those
being hazed will comply if they can avoid being humiliated. The developed theory is grounded
and was verified through interviewing stakeholders in the school community who had
extensive knowledge of the school culture and of Grade 12 learners. / Ukufikisa kungumkhuba wasemandulo, owenziwa emhlabeni wonke. Emiphakathini
yasendulo neyenamuhla, isidingo sokuhlanganyela neqembu elithile yinto eyingxenye yobuntu
bethu. Inqubo yokuhlanganyela neqembu elithile kuvame ukufaka kukona isidingo
sokufikiswa ukuze umuntu abe yilungu ngokuphelele. Lolu cwaningo lusebenzisa izinhlaka
zemiqondo yezinzululwazi ezingoMichel Foucault noPeter Bourdieu wokuhleleka
kwezenhlalakahle, umbono kaHenri Tajfel noJohn Turner wokuzibandakanya kwabantu
kwezenhlalo kanye nombono ka-Albert Bandura wokuziphatha ngendlela engahambisani
nemigomo yokulunga ukuze kubukwe abantu abajoyina amaqembu. Ngokusempeleni,
ucwaningo lufuna ukubheka ukuthi labo abafikisayo bakhuthazwa yini. Umqondo
wenzululwazi wakhiwa ngokuba kubuzwe intsha esencane imibuzo, intsha eyayihlela izinhlelo
zokufikisa eyayisezikhundleni zokuhola abafundi ngenkathi yenza iBanga 12 ezikoleni
zaseGauteng. Umbono wenzululwazi ozinzile uveza ukuthi ukufikiswa, yize kwenziwa
umuntu oyedwa kusuke kungaholwa yilowo muntu kuphela, kodwa ukufikiswa kuyindlela
yokukhiqiza kabusha ngokwesiko. Indlela okwenziwa ngayo lokhu kufikisa igxile ekufezeni
umuzwa wokuba yingxenye yabathize, ukuguqukela osikweni nasekuvumeleni ukufikiswa.
Lowo okunguye ofikisayo usuke efuna ukudlulisela phambili izingxenye zamasiko esikole,
njengemikhuba, ukwakheka ngokushiyana kwamazinga, izindlela nemigomo yokuziphatha
kahle, kanye nokubonisa inhlonipho kwabanye. Lowo okunguye ofikisayo ukholelwa ekutheni
lokhu kungafezwa njengoba labo abafikiswayo bezokwenza lokho okuthiwa abakwenze
inqobo nje uma bezogwema ukuhlukunyezwa. Umqondo wenzululwazi osunguliwe uzinzile
futhi waqinisekiswa ngokufaka ababambiqhaza imibuzo emiphakathini yezikole eyayinolwazi
olunzulu maqondana nesiko lesikole kanye nabafundi beBanga 12. / Thupiso ke mokgwa wa kgale, wa lefase ka bophara. Ditshabeng tsa kgale le tsa mehleng ye,
tlhoko ya go tsenela sehlopha ke karolo ya botho bja rena. Tshepetso ya go tsenela sehlopha
gantsi e akaretsa tlhoko ya thupiso go kgonthisisa boleloko bjo bo feletsego. Nyakisiso ye e
somisa mahlamo a teori a Foucault, dipono tsa Pierre Bourdieu tsa thulaganyo ya setshaba,
teori ya Henri Tajfel le John Turner ya boitshupo bja setshaba, le teori ya Albert Bandura ya
tlogelo ya melawana ya boitshwaro go lekola batho ba ba tsenelago dihlopha. Ka kakaretso,
nyakisiso ye e lekile go kgonthisisa gore gobaneng bao ba rupiswago ba hlohleletswa go tsea
magato. Teori ya kgoboketso le tshekatsheko e tsweleditswe ka go botsisa baswa dipotsiso bao,
ge ba sa le maemong a boetapele bjalo ka barutwana ba Mphato wa 12 dikolong tsa Gauteng,
ba rulagantsego ditiro tsa go sira. Teori ya kgoboketso le tshekatsheko e laetsa gore thupiso
bjale ka ge e diragatswa ke motho ga e susumetswe ke motho yoo a le nosi, eupsa thupiso ke
mokgwa wa pusoloso ya setso. Mokgwa wo thupiso e diregago ka wona o tsepeletse go
fihlelela boikwelo bja go amogelega, go latela setso se se filwego le go dumelelana le thupiso.
Morupisi o hlohleletswa go fetisetsa dikarolo tsa setso tsa sekolo, e lego ditso tsa sekolo,
dibopego tsa haerakhi, mekgwa le maemo a tayo, le go laetsa tlhompho ya maleba go ba
bangwe. Morupisi o dumela gore se se ka fihlelelwa bjalo ka ge bao ba rupiswago ba obamela
ge ba ka thibela go goboswa. Teori ye e hlabolotswego e kgobokeditswe le go sekasekwa
gomme e ile ya tiiswa ka go ka botsisa bakgathatema dipotsiso sekolong sa setshaba bao ba
nago le tsebo ye e tseneletsego ya setso sa sekolo le ya barutwana ba Mphato wa 12. / Educational Studies / D. Ed. (Comparative Education)
|
Page generated in 0.0444 seconds