Text in English with abstracts in English, Afrikaans and isiZulu. Translated titles in Afrikaans and isiZulu supplied / Alarming global crime levels lead to increased incarcerations, resulting in changes in the dynamics of the offender population. Developments that call for urgent progressive reforms of corrections, thereby fast-tracking the employment of female officers. A qualitative study was conducted to explore the lived work experiences of 17 female correctional officers, at Kgoši Mampuru II Management Area in Pretoria, South Africa, to determine how they shape their work identity in this male-dominated sector. An interpretive phenomenological analysis methodology is applied, informed by the Social Identity Theory (SIT) to conceptualise the factors that shape these officers’ work identity. Themes identified include the role of the corrections environment as a social institution, corrections operating as separate communities, and how being different contributes to the distinct attributes of female correctional officers. Emotional labour, vigilance and their uniform also proved significant tools these female officers applied as a means to cope and assert their rightful place in this harsh, strained environment. / Ubugebengu obuphakeme kakhulu emhlabeni sebuholele ekutheni sikhule isibalo seziboshwa emajele, okwenza ukuthi silokhu sidlondlobale njalo isibalo seziboshwa nakuba amajele esegcwele ngokweqile. Izinguquko esimweni sesibalo seziboshwa esikhulayo sezibeke ingcindezi engeziwe phezu kwamahlombe ojele nakuba sebevele bethwele kanzima. Lokhu sekudale isidingo esiphuthumayo sokuthi kwenziwe izinguquko ezinohlonze okuhloswe ngazo ukuphucula nokuthuthukisa isimo, ngokuthi kusheshiwe ukuqashwa kojele besifazane. Lolu cwaningo lwenziwe ngaphansi kwalesi simo-ke ngenhloso yokuhlola nokucubungula impilo ephilwa ngojele besifazane uma besemsebenzini nezigameko zansukuzonke abahlangabezana nazo ukuze kubhekwe ukuthi basibumba futhi basibonakalise kanjani isimo-bunjalo sabo njengabantu ukuze bathathe indawo yabo ngeqholo kulo mkhakha okukhonya kuwona kakhulu abantu besilisa.
Ulwazi locwaningo lwaqoqwa ngokusebenzisa izingxoxo zokubonana ubuso nobuso ezingama-semi-structured interviews ezabanjwa nojele besifazane abayi-17 e-Kgoši Mampuru II Management Area ePitoli, eNingizimu Afrika. Izindlela zocwaningo ezasetshenziswa kwaba yindlela yocwaningo olukhwalithethivu kanye nohlaziyo olubizwa nge-interpretive phenomenological analysis. Ithiyori yokuzihlonza komuntu isimo sakhe emphakathini nokuthi ungubani iveza umbono wokuthi umuntu wakha izimo-bunjalo ezihlukahlukene okuyizimo-bunjalo zakhe uqobo ngaphakathi kanye nezimo-bunjalo afuna ukuziveza ngazo futhi azibonakalise ngazo emphakathini ukuze akwazi ukwenza izinto kahle futhi ngendlela efanele endaweni ethile azithola ekuyona. Izingqikithi eziyinhloko ezahlozwa ngenhloso yokweseka lo mgomo zibandakanya indima yesikhungo okwenzelwa kusona umsebenzi wokuhlunyeleliswa kwezimilo njengesikhungo zomphakathi, isikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo uma sisebenza njengesikhungo somphakathi oseceleni noma ohlukile, kanye nokuthi ukwehluka kwaso kusifaka kanjani isandla ekuvezeni izimo-binjalo ezicacile futhi ezihlukile zojele besifazane. Ikhono labo lokulawula imizwa yabo ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngendlela efanele kanye nokucophelela kwabo kwahlonzwa njengamathuluzi asetshenziswa ngojele besifazane ukuze bakwazi ukumelana nesimo esilukhuni, esishubile futhi esimazonzo abasebenza ngaphansi kwaso. Indima edlalwa ngumfaniswano ekubumbeni isimo-bunjalo sabo emsebenzini nayo yabonisa ingqikithi encikile esemqoka eyahlonzwa ngenkathi kwenziwa uhlaziyo. / Toenemende misdaadsyfers lei globaal tot al hoër getalle oortreders in gevangenskap, wat onvermydelik die dinamiek van dié groeiende populasie verander. Die tendens noodsaak die transformasie van korrektiewe dienste, wat gevolglik die indiensneming van vroulike korrektiewe beamptes bespoedig het. ‘n Kwalitatiewe studie is onderneem met 17 vroulike beamptes te Kgoši Mampuru II Korrektiewe Bestuursarea, Pretoria, Suid-Afrika. ‘n Interpretiewe fenomenologiese analisemetode is toegepas, met die beginsels van die Sosiale Identitieitsteorie as grondslag, om die faktore te konseptualiseer wat bydra tot werksidentiteitvorming van vroue in hierdie manlik gedomineerde sektor. Temas geidentifiseer behels die rol van die korrektiewe omgewing as sosiale instelling, korrektiewe dienste wat funksioneer as afsonderlike gemeenskap, en die besondere bydraes wat die vroulike beampte, juis deur haar uniekheid lewer. Emosionele arbeid, voortdurende waaksaamheid, asook die rol van haar uniform, is verder aangedui as betekenisvolle meganismes wat dié beamptes aanwend in ‘n uitdagende omgewing en so hul regmatige plek inneem in hierdie onkonvensionele werksmilieu. / Psychology / M.A. (Psychology)
Identifer | oai:union.ndltd.org:netd.ac.za/oai:union.ndltd.org:unisa/oai:uir.unisa.ac.za:10500/26375 |
Date | 10 1900 |
Creators | Pieterse, Tanya |
Contributors | Fourie, Eduard, Parry, Bianca Rochelle |
Source Sets | South African National ETD Portal |
Language | English |
Detected Language | Unknown |
Type | Dissertation |
Format | 1 online resource (vii, [iii], 179 leaves) : illustrations, color graphs, application/pdf |
Page generated in 0.0043 seconds