Back to search

University of Kwazulu-Natal

Ubunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha.

Abstract

dc:description.abstract

Lona ngumsebenzi wocwaningo oluhlelwe ngokwezahluko eziyisihlanu. Ucwaningo olwenziwe kulo msebenzi lumayelana nobunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha. Isahluko sokuqala Kulesi sahluko ilapho kwethulwa khona ucwaningo ngokuthi kuchazwe isihloko socwaningo esingumgogodla wocwaningo lonke. Kulesi sahluko kuvezwa kafushane okuzogxilwa kukhona ocwaningweni. Kuvezwa izinhloso kanye nezidingo zocwaningo ngenjongo yokukhanyisa umsuka wocwaningo olwenziwayo. Kubuye kubhekwe izindlela zokwenza ucwaningo ezizosetshenziswa ocwaningweni. Kuvezwa ngamafuphi ukuthi ucwaningo luzokwenziwa kanjani. Kuphinde kuthulwe izinjulalwazi zocwaningo eziyisisekelo socwaningo. Kugcinwe ngokuveza umklamo wocwaningo nomklamo wezahluko lapho kuvezwa khona ngamafuphi ukuthi ucwaningo luzogxila kuphi nokuthi umcwaningi izahluko zocwaningo uzozilandelanisa kanjani. Isahluko sesibili Lesi isahluko esiyisendlalelo socwaningo lonke. Kulesi sahluko kuxoxwa kabanzi ngobunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha. Kubhekwa imibhalo yesiZulu ngamafuphi ngenhloso yokubheka imibhalo eyashicilelwa esikhathini esiphambili ukuthi yayikhuluma ngani imvamisa. Kuzoba khona ukufingqwa kwemibhalo okugxilwe kuyona lapha ocwaningweni. Kuzophinde kubukezwe nemibhalo esiyenziwe ehlobene nesihloko socwaningo olwenziwayo. Isahluko sesithathu Izindlela zocwaningo kanye nenjulalwazi Isahluko sesine Lesi sahluko sizohlaziya ulwazi oluqoqiwe mayelana nobunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zaseNazareth Baptist Church. Isahluko sesihlanu Isiphetho socwaningo.

Author and committee

dc:creator, dc:contributor.*
Author dc:creator
  • Msomi, Melusi Ernest.
Advisor dc:contributor.advisor
  • Sibiya, Nakanjani Goodenough.

Subjects

dc:subject × 3

Rights

Language dc:language.iso
en_ZA

Identifiers

dc:identifier.*
Handle dc:identifier.uri
https://hdl.handle.net/10413/13425

Chain of custody

source
Harvested from
University of Kwazulu-Natal
Base URL
researchspace.ukzn.ac.za/server/oai/request
Last updated
2026-11-26
Source record
OAI-PMH GetRecord
citation

Msomi, Melusi Ernest.. Ubunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha.. 2015. https://hdl.handle.net/10413/13425