Back to search

University of Kwazulu-Natal

Ubuciko bokwethiwa kwamagama abalingiswa emanovelini abhalwa ngemuva konyaka wezi-2000: kubhekwa ukwethiwa kwabalingiswa ukuthi kuyafana nokwetha jikelele.

Abstract

dc:description.abstract

NgokwaseNingizimu Afrika igama liqukethe izinto ezithile ezihambisana nokwethiwa kwalo. Igama liqukethe ubuntu kanye nobunjalo bakhe lowo owethiwe lelo gama kepha ezinye izinhlanga zilibuka njengelebuli esetshenziswa ukwetha ukuze izinto zikwazi ukuhlukaniseka. Isifundo sokwethiwa kwamagama abantu sibizwa nge-anthrophonemi okuyigatsha le-onomastiki. I-anthrophonemi ibhekene nokufundwa kwamagama abantu. Lolu cwaningo luhlose ukuveza amagama ethiwe abalingiswa abawumfuziselo wabantu abaphilayo ngenhloso yokubheka ukuthi kuyefana yini ukwethiwa kwabalingiswa nokwethiwa kwabantu emhlabeni jikelele okanye okwabantu abaphilayo. Umbuzo oqanda ikhanda wothi ngabe ababhali bamanoveli bayakuqikelela yini ukwetha jikelele uma betha abalingiswa nokuthi bayaziqikelela yini izinguqukokwetha emagameni ethiwa abalingiswa. Lokhu kwenziwa ngokuqhathanisa incazelo enanyatheliswe egameni nempilo yomlingiswa nokuthi kuyahambisana yini nencazelo yegama lomuntu ophila emhlabeni kanye nezinguqukokwetha. Injulalwazi ye-onomastiki yenhlalo neyemibhalo isetshenzisiwe ukuseka izinhloso zalolu cwaningo. Amagama atonyulwe emanovelini amathathu: Amasokisi, Ngizigwaze Ngowami nethi Ngiyabonga.

Author and committee

dc:creator, dc:contributor.*
Author dc:creator
  • Hlengwa, Mzamo Effort.
Advisor dc:contributor.advisor
  • Ngubane, Sihawukele Emmanuel.

Subjects

dc:subject × 5

Rights

Language dc:language.iso
other

Identifiers

dc:identifier.*
Repository record dc:identifier.uri
https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19449

Chain of custody

source
Harvested from
University of Kwazulu-Natal
Base URL
researchspace.ukzn.ac.za/server/oai/request
Last updated
2026-11-26
Source record
OAI-PMH GetRecord
citation

Hlengwa, Mzamo Effort.. Ubuciko bokwethiwa kwamagama abalingiswa emanovelini abhalwa ngemuva konyaka wezi-2000: kubhekwa ukwethiwa kwabalingiswa ukuthi kuyafana nokwetha jikelele.. 2019. https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19449