Back to search

University of Kwazulu-Natal

Isizinda nendikimba yobugebengu emibhalweni engamanoveli : ‘Kuyoqhuma nhlamvana’, ‘Igazi lezibi’, ‘Ayikho impunga yehlathi nethi Inkinsela yaseMgungundlovu.

Abstract

dc:description.abstract

Ubugebengu buyinto esihlukumezayo sonke njengomphakathi owakhele izindawo ezahlukene. Kuyenzeka busihlukumeze ngqo noma bahlukumeze labo esisondelene nabo kanti ziningi nezizathu zobugebengu. Ababhali baye bahlale imibhali eyahlukene ukufundisa kanye nokuqwashisa ngobugebengu. Lolu cwaningo luphenya ngomthelela wesizinda ebugebengwini obutholakala emanovelini anendikimba yobugebengu. Inhloso yalolu cwaningo ukuphenya kabanzi ukuthi isizinda; indawo, inkathi kanye nesimo senhlalo sinamuphi umthelela ebugebengwini obahlukene obutholakala emanovelini esiZulu amane anendikimba yobugebengu. Okunye okuhloswe yilolu cwaningo ukuhlola ukuthi ababhali bayethula kanjani indikimba yobugebegu. Lolu cwaningo luphinde luhlaziye ngokuthi yiziphi izimbangela nomphumela wobugebengu. Ucwaningo luqutshwe ngokusebenzisa indlela yokuqhuba ucwaningo ye-interpretive kanye nendlela yekhwalithethivu. Ulwazi luqoqwe emanovelini amane esiZulu anendikimba yobugebengu. Imiphumela yalolu cwaningo iveza ukuthi yinkulu indima edlalwa yisizinda ebugebengwini kodwa ngezindlela ezingafani. Lokhu kuqinisekiswe yimiphumela yokuqathaniswa kwamanoveli asetshenzisiwe kulolu cwaningo.

Author and committee

dc:creator, dc:contributor.*
Author dc:creator
  • Mshengu, Zinhle Mildred.
Advisor dc:contributor.advisor
  • Ngcobo, Tholakele Ruth.

Subjects

dc:subject × 6

Rights

Language dc:language.iso
other

Identifiers

dc:identifier.*
Repository record dc:identifier.uri
https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19838

Chain of custody

source
Harvested from
University of Kwazulu-Natal
Base URL
researchspace.ukzn.ac.za/server/oai/request
Last updated
2026-11-26
Source record
OAI-PMH GetRecord
citation

Mshengu, Zinhle Mildred.. Isizinda nendikimba yobugebengu emibhalweni engamanoveli : ‘Kuyoqhuma nhlamvana’, ‘Igazi lezibi’, ‘Ayikho impunga yehlathi nethi Inkinsela yaseMgungundlovu.. 2020. https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19838