Back to search

University of Kwazulu-Natal

Ukuhlaziywa kokufakwa kwamalema angomqondofana nangomqondophika esichazamazwini esilulimimbili sika-de Schryver (2015) ngeso lenjulalwazi yokusebenziseka.

Abstract

dc:description.abstract

Umkhakha wokwenziwa kwezichazamazwi ezifaka izilimi zabomdabu usemusha e-Afrika, naseNingizimu Afrika, noma bezenziwa eminyakeni edlule kodwa bekungalandelwa kakhulu injulalwazi yokwenziwa kwezichazamazwi ekhuluma ngokusebenziseka kalula kanye nokufezwa kwezidingo zabasebenzisi bezichazamazwi. Lokhu kusho ukuthi isichazamazwi kumele sibe ngesifeza izidingo zabasebenzisi abahlonziwe, siphendule yonke imibuzo abasebenzisi abahlonziwe abangase babe nayo okugcina kumele lonke ulwazi oludingwa ngabasebenzisi abahlonziwe lutholakale kalula. Lolu cwaningo luhlaziya ukufakwa kwamalema angomqondofana nangomqondophika esichazamazwini esilulimimbili sika-De Schryver (2015) ngeso lenjulalwazi yokusebenziseka. Inhloso yalokhu ukuthola ukuthi isichazamazwi esilulimimbili sika-De Schryver (2015) siyaphumelela yini ukuhlinzeka abasebenzisi ngolwazi oluzothuthukisa ukukhulunywa ngempumelelo kwezilimi okufakwe ngazo amalema, ukuhlaziya ngokunzulu ukuthi njengoba lesi sichazamazwi singesilulimimbili siyayifeza noma siyahlangabezana yini nenjulalwazi yokusebenziseka nezidingo zabasebenzisi uma kufakwa amalema angomqondofana nangomqondophika. Kanye nokuzama ukuqonda kabanzi umsebenzi nezinhlosongqangi zokwakhiwa kwesichazamazwi esilulimimbili esifaka amalema ngolimi lwesiZulu nolwesiNgisi.

Author and committee

dc:creator, dc:contributor.*
Author dc:creator
  • Jauza, Mawethu Lawrence.
Advisor dc:contributor.advisor
  • Mazibuko, Gugulethu Brightness.

Subjects

dc:subject × 4

Rights

Language dc:language.iso
other

Identifiers

dc:identifier.*
Repository record dc:identifier.uri
https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19839

Chain of custody

source
Harvested from
University of Kwazulu-Natal
Base URL
researchspace.ukzn.ac.za/server/oai/request
Last updated
2026-11-26
Source record
OAI-PMH GetRecord
citation

Jauza, Mawethu Lawrence.. Ukuhlaziywa kokufakwa kwamalema angomqondofana nangomqondophika esichazamazwini esilulimimbili sika-de Schryver (2015) ngeso lenjulalwazi yokusebenziseka.. 2020. https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19839