Spelling suggestions: "subject:"zulu c.ulture"" "subject:"zulu 1culture""
11 |
Ukukhuthazwa kolwazi lwesintu, amasiko, izinkolelo nemikhutshana yesizwe samaZulu neqhaza okungalibamba ekugwemeni izifo ezithathelwana ngocansi, ikakhulukazi igciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo lwayoKhuzwayo, Bonginkosi Cyprian January 2002 (has links)
Submitted in partial requirements for the degree of Doctor of Philosophy in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2002. / Lolu cwaningo lucubungula ulwazi lwesintu, amasiko, izinkolelo
nemikhutshana yesizwe samaZulu neqhaza okungalibamba ekugwemeni
izifo ezithathelwana ngokocansi, ikakhulukazi igciwane lesandulela
ngculazi nengculazi uqobo lwayo.
Luzama ukuthola ukuthi qhaza lini elingabanjwa umphakathi ekulweni
nalesi sifo esesibhubhise izwe kangaka. Lucubungula izindlela zesintu
ezazisetshenziswa ngempumelelo, esikhathini sakudala, ukunqanda izifo
ezithathelwana ngokocansi. Luzama ukuthola ukuthi lezo zindlela ngeke
yml zakhuthazwa ukuba zisetshenziswe esikhathini sanamuhla
njengesikhali okungaliwa ngaso nalesi sifo esesiqede isizwe
Lucubungula iqhaza elingabanjwa amasiko afana nokusokwa
kwabesilisa nabesifazane, ukugwetshwa kwabesilisa nabesifazane,
ukuhlolwa kwezintombi nezinsizwa, ukuthomba, ukusoma, ukuyobisa,
umemulo, irnikhosi efana nomkhosi kaNomkhubulwane, umkhosi
womhlanga, kanye neqhaza elingabanjwa amabandla ehlukene ekulweni
nokusabalala kwegciwane lesandulela ngculazi, ingculazi uqobo lwayo,
ezinye izifo ezithathelwana ngokocansi, ukukhulelwa kwentsha isikhathi
singakafiki kanye nokufundiswa kwentsha ngokuziphatha ngenhlanzeko.
|
12 |
A critical study of contemporary practice of Ulululation (ukukikiza) and its current values among the ZulusSikhosana, Eugenia Lindiwe Zamandelu January 2002 (has links)
Submitted in accordance with the requirement for the degree Doctor of Philosophy in the
Department of IsiZulu Namagugu at the University of Zululand, 2002. / Ululation is a folklore practise that is performed all over the world. In Europe
for instance it signifies cries of pain. Among Arabic peoples it indicates an
expression of joy. In Africa the practice of ululation is common in most
cultures. It is common in most cultures of the South African people too.
Ululation is gender specific in the sense that solely women perform it. During
ululation spontaneous and shriek sounds are produced by women who act like
they are possessed by evil spirits. People who do not come from ululating
cultures do not understand ululation. They see nothing but disruption when
people ululate. Hence white priests in churches discouraged it. The reason was
that they thought it to be chaotic.
|
13 |
Injula yesiko lokwelusa esizweni samaZulu kanye nokuthuthukisa kwalo ulimi lwesiZuluMthembu, Magwegwe Zeblon January 2009 (has links)
Lwethulwa ukufeza izidingo zeziqu zobudokotela Emnyangweni wezilimi zabomdabu Nyunivesithi yakwaZulu = Submitted in fulfilment for the requerements of the degree of Doctor of Philosophy in the department of African Languages at the University of Zululand, 2009. / Lolu cwaningo luveza injula yesiko lokwelusa esizweni sakithi kwaMthaniya nendlela elithuthukisa ngalo ulimi lwakithi. Lubheka ukubaluleka kwemfuyo ngokwezinga layo lunyuke njalo lubheka imfundiso nolwazi olutholakala lapho kanye nemidlalo etholakala khona ekwaluseni.
Isahluko sokuqala sethula ucwaningo nenhloso yalo. Kuvezwa umklamo wocwaningo nendlela ezosetshenziswa ngenkathi kuqwalwa le ntaba. Kwendlalwa kafuphi ngokubaluleka kwaleli siko nemibono yongoti ngaleli siko.
Isahluko sesibili sibheka iqhaza elibanjwa imfuyo ezimpilweni zethu kusukela ezinkukhwini, amakati, izinja, izimvu nezimbuzi kuze kuyoshaya ezinkomeni. Kubhekwa imisebenzi enhlobonhlobo eyenziwa ngemfuyo.
Isahluko sesithathu sibheka amazinga okwelusa kusukela umfana esemncane elusa izinkukhu akhule aye ezimbuzini aphumele endle aluse amathole aze agogode ngokwelusa izinkomo. Kuzobhekwa ukukhula komqondo kulelo nalelo zinga elusa kulo.
Isahluko sesine sibheka kabanzi imfundiso etholakala ekwaluseni njnegokufunda ulwazi lwemibala yezinkomo, ukwazi ukuqagula nokubona isimo sezulu, ulwazi olunzulu lokwazi izinhlobonhlobo zezihlahla, izilwane, izinyoka, amakhambi emfuyo, ulwazi lokweshela kanye nenhlonipho efundwa khona ekwaluseni.
Isahluko sesihlanu sibheka imidlalo enhlobonhlobo edlalwa abafana ngenkathi belusile neqhaza elibanjwa yilowo nalowo mdlalo ekucijeni umqondo womfana. Sibheka imidlalo efana nokungcweka, ukuqhathana, ukudla iphaphu, ukubhukuda, ukuzingela, ukuciba insema neminye.
Isahluko sesithupha sesithi khumu, amajoka siwabeke ethala bese sihlaziya sicubungule lonke ucwaningo siveze nezincomo ezisuselwa emiphumelweni yocwaningo. Ekugcineni kuphethwa wonke umsebenzi.
|
14 |
Ucwaningo ngeqhaza elibanjwe yimvunulo, izitsha kanye nokudla kwesintu nemithelela yakho kwezokuvakasha nasollimini lwesiZuluMbokazi, Samukelisiwe D January 2002 (has links)
Submitted in partial fulfilment of the requirements for the Degree Master of Arts in the Department of African Languages in the Faculty of Arts at the University of Zululand, South Africa, 2002. / Lolu cwaningo luyimizamo yokuveza ukubaluleka kwezinto ezingamagugu esizwe esimpisholo sikaPhunga noMageba . Tzinto ezinjengemvunulo; ukudla kanye nezitsha zesintu. Ucwaningo luveza ukubaluleka kwazo lezi zinto esizweni sonkana. Ukbab isizwe singazithola sesingasahlupheki, sesivule amathuba emisebenzi lapho kuzosizakala khona umphakathi uqobo Iwawo.
Umcwaningi ukhuthazwe ukubona sengathi lokhu kuya ngokuya kushabalala esintwini. Lapho abantu abamnyama bebukela phansi okungamagugu kubo. nokwadabuka kukho ngenxa yokufika kwempucuzeko vase Ntshonalanga. Lokhu umcwaningi ukubone kululaza isizwe esimpisholo uma umphakathi uyekelelwa ungakhunjuzwa ngalokhu flina konke lokhu okungamagugu kugcine kushabalale bese izizukulwane eziyolandela zibe seshweni lokungazi ngenqubo nangosikompilo lwamaZulu. Umcwaningi lokhu ukulumbanise nokubaluleka kwakho kwezokuvakasha lapho ebheka khona iqhaza elibanjwe yilezi zinto kwezokuvakasha nasekuthuthukiseni umnotho wesizwe. Kwangagcina lapho lokhu, kuphinde kwaba nomthelela nasekuthuthukisweni kolimi lwesiZulu
Kulolu cwaningo umcwaningi ubone kusizakala zonke izinhlobo abantu abesilisa nabesifazane, abadala nabancane ofundile nongafundile kanye nabakhubazeke emzimbeni kodwa emqondweni bebe bephila nezandla zabo zibe zikwazi ukusebenza. Isizwe esimpisholo sizoziqhenya ngalokhu ngoba kuzogcinwa lokhu okungamagugu. kufundiswe ngakho, kuphinde kuvuseleleke amasiko. Nakuba kukhona izinkinga ngokungaxhaswa kwale zizikhungo nguhulumeni.
Isahluko sokuqala sikhombisa inhloso yalolu cwaningo, umklamo, inkuthazo okukhuthaze umcwaningi abone kubahilekile ukuba zixhaswe izindawo ezigcina amagugu esizwe ukuze lezi zinto nolwazi lungashabalali ngenxa yokufika, kwezinto zase Ntshonalanga- Lapha kubuye kugqanyiswe izingqalabutho esezake zakuthinta okuphathelene nesihloko emsebenzini yazo elotshwe phansi. Amagama athanda ukuba qatha achaziwe lapha.
Isahluko sesibili siveza izindlela umcwaningi azoqhuba ngazo ucwaningo lwakhe. Njengokuthi umcwaningi uxoxisene nabanye abantu abasezikhungweni zokuvakasha, abasezikhungweni ezithengisa lo msebenzi, abantu abasafuiusa kulo msebenzi, abantu ababambelele emasikweni njengabantu bebandla likaShembe. Umcwaningi ubheke nolwazi olulotshwe phansi ngosekwake kwabhalwa ngokuphathelene nalo msebenzi; ethola izimvo ezahlukene kanye nezinkinga ezikhona Umcwaningi lapha ubheke ukwehlukaniswa kwemvunulo, izitsha kanye nokudla kwesintu wase esebheka nemithelela yakho kwezokuvakasha.
Isahluko sesithathu sigxile ekuqhakambiseni ukubaluleka kwalezi zinto neqhaza okuUbambile kwezomnotho. Lo msebenzi ubonakala ubalulekile impela ngoba abantu abaswele umsebenzi batholakala sekunemisebenzi sebekwazi nabo ukugcina izidingo zabo. Kwenye inkathi kungekhona ukuthi baphansi komphakathi othile abawusebenzelayo kodwa bezisebenzela bona.
Isahluko sesine sigxile ekuvezeni ukuhleleka kwezimpikiswano ezibekwa ngababhali abehlukene. Lapha umcwaningi ubeke izinqinamba noma izinkinga abakhi nabathengisi bemvunulo ababhekana nazo kanye nabapheki nabathengisi bokudla kwesintu bekanye nabenzi naba thengisi bezitsha zesintu.
Bakhala ngezakhiwo abakhela kuzo bebuye bathengisele kuzo ukuthi azikho esimweni esihle esizokwazi ukuheha abathengi kumbe abavakashi. Kubekwe nenkinga yokungaxhaswa kwabantu abathanda ukwenza ikhono lokwenza lo msebenzi. Kubhekwa nenqubekela phambili; okungenziwa ukuze izinkinga ezikhona zixazululwe fiithi ugcine ungashabalali nesizwe sibone ukubaluleka kwemvunulo, ukudla kanye nezitsha zesintu.
Isahluko sesihlanu siveza isihlaziyo lapho kuhlaziywa khona ucwaningo lomsebenzi wonke. Kuvezwa iqoqa kanye nezincomo ezingalandelwa ukugcina okungamagugu esizwe. Imvunulo izitsha kanye nokudla kubhekwa iqhaza okuhbambile lokhu nemithelela. yakho kwezokuvakasha nasekuthuthukiseni isizwe kwezomnotho. Izincomo zikhuthaza wonke umuntu ompisholo azi ukuthi akabhekile kuhulumeni kuphela ukuze akwazi ukuziphilisa kodwa nave angaba uhulumeni ngokuzakhela amathuba emisebenzi azithuthukise kuphinde kusizakale nomphakathi njengokuthi uhlangane wonke uphinde uthengise imvunulo, izitsha kanye nokudla kwesintu.
|
15 |
Ucwaningo olunzulu ngesiko lokubuyisa iThongoNtuli, Mbongiseni Samuel January 2004 (has links)
A dissertation submitted in fulfillment of the requirements of the Master of Arts in the Department of iSizulu namaGugu at the University of Zululand, 2004. / Ucwaningo olwenziwe kulo msebenzi lumayelana nokubuyisa ithongo noma
idlozi. Ukubuyisa lokhu kwenziwa ngenkolo yaboMdabu, yokuthi umoya
womuntu osewashona uyabavikela abomndeni abasaphila. Lolu cwaningo
luyimpendulo yokuthi kahle hIe yini ebuyiswayo.
Ngenkathi kucaciswa ngenkambiso yesiko lokubuyisa nemmmmgwane,
kunikezwa nezexwayiso kwabaphilayo. Uma leli siko lingenziwanga sampela
noma lingenziwanga ngenhlonipho nentobeko elifanele; abaphilayo bazidonsela
amanzi ngomsele. Bavelelwa amashwa namashobolo. Izindlela zabo zibemnyama.
Esahlukweni sokuqala, isigaba 1.4, kuchazwa amagama asetshenziswe
ukuchaza izimo e:zithile njengokuthi; ukulanda owashona akufani
nokubuyisa ithongo. Umsebenzi womuthi wamadlozi, umlahlankosi awufani
ngazo zonke izikhathi. Abaphilayo kufanele babenolwazi nokuqonda yonke
inhlonipho ephathelene nenkolo nomsebenzi wesiko ngoba inhlonipho
yabangasekho neyempilo yonke jikelele iyingxenye yamasiko namagugu enza
ukuthi isidalwa esingumuntu sehlnke ezilwaneni.
Isahluko sesibili sichaza ngobukhona bemimoya enamandla phezu
kwezidalwa ezingabantu. Le nkolo yemimoya (Spiritism), ikhona enkolweni
yamasiko oMdabu futhi ikhona nasenkolweni yobuKrestu nakwezinye izinkolo.
Le mimoya, iyimimoya yabantu asebashona okuthi uma izihlobo zayo
ziyihlengile ngempumelelo, iziveze ingamadlozi noma amathongo, iqonde
ukwakha ubudlelwano obuhle obubonakala ngokuvikeleka, impumelelo
nezinhlanhla kuzihlobo zayo ezisaphila. Uma izidingo zale mimoya
zingafezwa, iqhamuka isiyizithunzi eziletha isinyama, kwenye inkathi ibe
yizithutha ezihlasela, zibhuqabhuqe umndeni ngezifo, umuzi uvalwe
ngehlahla. Izipokwe nemingcwi zikuleli butho le mimoya
engondingasithebeni ngoba mhlawumbe ingafihlwanga ngenhlonipho,
ingazilelwanga noma ingabuyiswanga. Isiko lokubuyisa lingubufakazi
benkolo ethi; abasishiyayo kulo mhlaba baya ndawana thize, lapho bafike
bahlangane khona noMvelinqangi kanye nezigidigidi zezinkulungwane
zamalungu emindeni yabo ezedlula mandulo kulo mhlaba.
Ngokwenkolo yaboMdabu, tmtmoya noma imiphefumulo yalaba bantu
asebekweliphakade isisondelene noMvelinqangi, sekuyimimoya engcwele
esiyophila ingunaphakade. Le mimoya iyabuyiswa izobheka, ivikele abaphilayo
noma singathi iyabuyiswa ingcweliswe ngokwesiko njengoba kubuya umoya
wedlozi uzosebenza "uphile" kophilayo.
Ngokwenkolo yaboMdabu, kukhona izindawo ernzini waboMdabu ezingcwele,
ezihlonishwa kakhulu ngoba ziyizizinda zamathongo. Le mimoya-ke
ibuyiswa, ikhushulelwe, yethulwe kulezi zindawo. Imidati ngalezi zindawo
nemininingwane yesiko eqondene nazo, idingidwa esahlukweni sesithathu.
Isahluko sesine sihluba udlubu ekhasini mayelana nokuthi Iiyini isiko lokubuyisa
ithongo. Lesi sahluko sidingida ngenkambiso yokwaziswa kwabomndeni nozalo
ngomsebenzi, nangokusingathwa ngenhlonipho kotshwala balo msebenzi.
Siphetha ngokubika,nokumenywa kwabangasekho ngembuzi ukuba bazobusisa
10 msebenzi. Ngalolu suku usuke usuqalile umsebenzi wokubuyisa ithongo.
Isahluko sesihlanu silandisa ngokuqhubeka ngosuku Iwesibili lomsebenzi,
okulusuku lokuwa kwenkomo. Ukuhlatshwa nokuhlinzwa kwale nkomo
kubuveza obala ubucayi nobunzima balo msebenzi. Usuku Iwesithathu nalo
lunolwayo imidati nemikhutshana yokuphothula umsebenzi wonke. Umoya
womufi sekusukwa nawo esibayeni usuyokwethulwa endlini enkulu, eyisigodlo
samathongo.
Ukubuyisa ithongo okuqhakanjisiwe ngokomnumzane, indalabantu. Ukubuyiswa
kwenzalabantu, omame nonina womnurnzane kuthiwe halamuzi. Kugxilwe
kumnurnzane ngoba maningi amasiko nemikhutshana egcinwayo uma kubuyiswa
ithongo lomnurnzane ukwedlula laba abanye. NeNkosi yesizwe ingumnumzane
ngakho-ke iyathinteka nayo njengomnurnzane.
Isahluko sesithupha simayelana nokuhlaziya nokuphetha. Siphethe izincomo
nokusonga jikelele. Izincomo ezikhona ezokunxenxa nokunxusa abantu ukuthi
bagcine amasiko abo bangagijimeli amasiko nenkolo yezinye izizwe, bafenyise
amasiko nenkolo yaboMdabu. Kungaba kuhle aboMdabu baqale bahlunge
amasiko esingathi awasahambisani nesikhathi nenhlalo yesimanje, bese
kuthi lawo masiko asengumgogodla wenkolo yaboMdabu navuselela
ubuntu bezizwe zoMdabu zase-Afrika athuthukiswe ezikhungweni
zemfundo yawo wonke amazinga, aqhakanjiswe futhi nasemibuthanweni
yaboMdabu.
|
16 |
Ukubaluleka kwenhlanzeko ekuphathweni komsebenzi wabadala: The importance of ritual purity in ancestoral ceremonial performanceBlose, Richman Thulani January 2002 (has links)
Submitted in partial requirements for the degree of Doctor of Philosophy in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2002. / Ukubaluleka kwenhlanzeko ekuphathweni komsebenzi wabadala wucwaningo
olumpande zalo ziphuza emajukujukwini empilo yomuntu ongum-Afrika nesiko
lakhe kanjalo futhi zibe zilunguza esikweni lomZulu phaqa. Ukulondolozwa
kwamasiko omdabu yiwona mthambo ongumnyoluka wempilo noyinjulalwazi
ngemvelaphi yomuntu nomuntu njengoba edaliwe wabekwa echosheni elithile
lomhlaba ngoPhezukonke.
Ukugudluka kwezinsika zokugcinwa kwamasiko omdabu ikakhulukazi
ukubukelwa phansi kwephuzu lenhlanzeko lapho kuphathwa imisebenzi
yasebalala yikhona kanye okususe usinga lokuba kwenziwe lolu cwaningo.
Sekuhambe ibanga ukugcinwa kwamasiko kodwa le ngxenye yesiko
ibinganakiwe ngokungako.
Lolu cwaningo luyimizamo yokubuka ngeso elijulile ukubaluleka kwezinsika
zokugcinwa ngokuyikho amasiko eSintu ngoba aphethe injulalwazi yempilo
yomuntu emenza ehluke kwabanye kanjalo nomlando wakhe. Lolu cwaningo
ngumkhombandlela ekugcinweni ngokuyikho komsebenzi wabadala ngenhloso
yokuphephisa leyo nzika esasele njengoba izivunguvungu zokushabalalisa
amasiko omdabu zilwa impi yansukuzonke.
Esokuqala isahluko sethula indikimba ngalokho ucwaningo oluphokophelele
ukukuhlaziya. Ngaphezu kwalokhu, isahluko siphinde siveze lokho okube yilahle
eliyimbeleselane elisuse ugqozi lokuhlwaya ngalesi sihloko. Kuyavela futhi
ukuthi lolu cwaningo lunemincele ngenxa yokuba ngudedangendlale kwesihloko
salo yingakho nje lona lucubungule esingakubiza ngokuthi yiwona mongo walesi
sihloko, inhlanzeko. Esokugcina sona siqoqa amaphuzu adingidiwe ngenhloso yokuphetha imbenge kanjalo nokuveza iZlncomo okungathi ngokulandelwa
kwazo ngokuyalela kocwaningo kube khona izinguquko endleleni isiko elibukwa
ngayo kanjalo nasendleleni abantu abagcina ngayo imisebenzi yabakubo
asebalala.
Indikimba yalolu cwaningo yona yakhiwa yizahluko eziyisithupha ezidingida
izigaba zokukhula komuntu kusuka ezalwa, egana I eganwa kuze kube wendela
koyisemkhulu. Isahluko sesibili siyinjulalwazi ngenkolo yomdabu ikakhulukazi
kugxilwa kwinhlanzeko efundiswa abantwana lapho befika kulo mhlaba bese leyo
mfundiso beyigwinya, bayiphile nokuyikona okubalungiselela ikusasa elifika
nezingqinamba zalo.
Isahluko sesithathu sona sibuka ukugcinwa kwamasiko endabuko ikakhulukazi
lawo agcinelwa abantwana besebancane kuze kuyofika lapho bethomba khona.
Ukubaluleka kwawo kanjalo nophawu oluhambisana nawo yikona
olugcizelelweyo. Inhloso kuseyiyona leyo yokubuka ngeso elinzulu iphuzu
lenhlanzeko njengesinongo-esingugo ekuphumeleliseni la masiko kanjalo'
nokwedlulisela ngempumelelo umntwana emabangeni ahlukahlukene.
Isahluko sesine sona sibheka umemulo nenhlanzeko egcizelelwa yileli siko. Lesi
sahluko sibheka ubuntombi nto njengesizathu sokugcinelwa leli siko. Uphawu
ngezinto ezisetshenziswayo lukhuluma buthule nezethameli kuleli siko. Lesi
sahluko sandulela futhi sishanela amabala aleso sokuganana leso okuxoxwe
ngaso kwisahluko sesihlanu. Ubumsulwa bentombi I bensizwa yibona
obudlulisela ngesinono umuntu kuleli banga. Umlobokazi ukufakazela ngokufaka
imvakazi lobu bumsula ngosuku lodwendwe.
Isahluko sesithupha sibheka ibanga esingalibiza ngebanga eliyisiphetho sempilo
yomuntu yakwamhlaba izinga lokufa. Lesi sahluko sicubungula injululwazi
ngokufa qobo kanjalo namabanga ahanjwa ngumphefumulo womuntu, uhlanzwa ngemisebenzi egcinwayo enhlobonhlobo ukuze ubuye uzongena ebudlozini
bekhaya.
Isahluko sesikhombisa sibuka izinguquko ezikhona ekugcinweni kwawo wonke la
masiko okuxoxwe ngawo ezahlukweni ezidlule. Izizathu ezidala izinguquko
ekugcinweni kwala masiko zibekwe obala. Kuphawuliwe futhi kulesi sahluko
ngobunjalo bamasiko kanjalo nokuhambelana kwawo nesikhathi okuphilwa kuso.
Ubunjalo bezinguquko bushiyelwe umfundi ukuba kube nguyena owehlulelayo
ngobuhle nobubi bazo. Umcwaningi ushiyele ofundayo ukwahlulela ngobuhle
nobubi bezinguquko zesikhathi emasikweni endabuko.
Isahluko sesishiyagalombili sona siqoqa amaphuzu okuxoxwe ngawo
ezahlukweni ezingaphambi kwaso.Okubalulekile ngalesi sahluko wukuthi sithi
siyiqoqa kanjalo futhi sibe siyinkombandlela yalokho okubukwa ngeso
lomcwaningi ukuthi kungaholela ekugcinweni ngendlela eyamukelekileyo
kwamasiko omdabu. / National Research Foundation (NRF)
|
17 |
The tourism potential of Zululand north of the Tugela River with special reference to Zulu culture and historyDube, Mbusiseni Celimpilo January 2011 (has links)
Submitted in fullfilment of the requirements for the degree of Masters of Arts in the Department of History, University of Zululand, 2011. / This thesis highlights historical sites with tourism potential between the Tugela and Lower Umfolozi Rivers up to Kosi Bay and the Mozambique border. This is roughly the area administered by the Uthungulu Regional Council today. These historical sites are monitored and administered by two most important acts i.e. the National Heritage Resources Act No. 25 of 1999 and the KwaZulu-Natal Heritage Act No. 10 of 1997. This research project comprises four chapters. It examines factors related to pre-colonial Zulu culture and focuses on how these factors could attract tourists. Furthermore it deals with historical places rich in tourism potential, showing how these historical places can attract the tourists.
Chapter one addresses Zulu history from the earliest times to the present and the important aspects shaping current Zulu culture. Chapter two deals with traditional ceremonies which are part of African culture. Chapter three deals with sites of archaeological and historical interest. It further identifies and describes specific areas that are rich in Zulu history. The fourth chapter examines the Maputaland area and the St. Lucia Node and surroundings. The purpose is to explore the tourism potential of each heritage site and or region. Zulu customs that have the potential to become tourist attractions are identified and discussed prior to conclusions, which are drawn in the last chapter.
|
18 |
The role of old women in Zulu culture : with special reference to three tribes in the district of NkandlaBrindley, Marianne January 1982 (has links)
Submitted to the Facu1ty of Arts in fulfilment of the
requirements for the degree of Doctor of Philosophy in
the department of Anthropology and Development Studies
at the University of Zululand, 1982. / Old age is a neglected area of anthropological research
despite the widespread interest in the human life cycle that
has characterized much work within the discipline.- With
the notable exception of the early pioneering work of
Simmons, the anthropological literature on old age in
preliterate cultures is sparse, with little attention having
been devoted either to the collection of ethnographic data
or to the formulation of gerontological theory. As Clerk
observes: 'If one is to judge from typical anthropological
accounts, the span of years between the achievement of adult
status and one's funerary rites is either an ethnographic
vacuum or a vast monotonous plateau of invariable behavior.
Maxwell & Silverman hold the same opinion: 'Anthropologists
have not, on the whole, shown much interest in ageing. With
few exceptions, ethnographic reports seem to mention the.
aged only in passing, if at all, and then only in the context
of quite general statements. One of the reasons to which
they attribute this neglect is the distaste with which old
age is viewed in our culture. The aged tend to suffer
from physical or mental disabilities which are unpleasant to
contemplate; death is imminent; and the role of the aged in
culture is ostensibly less distinctive than that of younger
men and women.
|
19 |
The role of children in the Zulu folktaleDe Bruin, Annemarié 30 November 2002 (has links)
Chapter 1 introduces the study by means of its aim, scope, methodology and
terminology. It also hosts summaries of all the folktales that are analysed in this
study.
Chapter 2 is a study of parenthood and its portrayal in Zulu folktales.
Motherhood and fatherhood will be scrutinised separately.
Chapter 3 concentrates on girl characters as siblings, brides and companions to
old men.
Chapter 4 analyses boy characters as herd boys, villains, tricksters and
companions to old women.
Chapter 5 concentrates on the status of the Zulu folktale. The influence of
urbanisation, gender, and the media will receive attention. The lessons that
folktales teach will be noted.
Chapter 6 concludes and summarises this study and hosts recommendations
on the promotion of Zulu folktales / African Languages / M.A. (African Languages)
|
20 |
The role of children in the Zulu folktaleDe Bruin, Annemarié 30 November 2002 (has links)
Chapter 1 introduces the study by means of its aim, scope, methodology and
terminology. It also hosts summaries of all the folktales that are analysed in this
study.
Chapter 2 is a study of parenthood and its portrayal in Zulu folktales.
Motherhood and fatherhood will be scrutinised separately.
Chapter 3 concentrates on girl characters as siblings, brides and companions to
old men.
Chapter 4 analyses boy characters as herd boys, villains, tricksters and
companions to old women.
Chapter 5 concentrates on the status of the Zulu folktale. The influence of
urbanisation, gender, and the media will receive attention. The lessons that
folktales teach will be noted.
Chapter 6 concludes and summarises this study and hosts recommendations
on the promotion of Zulu folktales / African Languages / M.A. (African Languages)
|
Page generated in 0.0569 seconds